UKUBONA kuyithuba lokukhombisa ukuthi iqembu lakhe likuliphi izinga ukuqhathwa neMamelodi Sundowns, kuma-quarter-final eNedbank Cup umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker.
IStellies itonyulwe namaSandawana ngoMsombuluko ntambama ngesikhathi kuqhathwa amaqembu ayisishiyagalombili asele eRandburg, eGoli.
Kwenzeka lokhu nje, ezikaBarker zisanda kuphazamisa ukushosholoza kweSundowns kwiDStv Premiership, ziyibamba ngo 1-1ekuqaleni kwenyanga eDanie Craven Stadium.
UBarker ulibeke ngembaba elokuthi iSundowns yilona qembu elihamba phambili kuleli kodwa ulindele ukuthi ezakhe ziphinde ziyibambe ishisa uma sebebhekene kowomkhumulajezi.
Izinsuku nezinkundla okuzodlala kuzo zisazomenyezelwa.
“Sengisho kaningi ukuthi iSundowns yilona qembu sonke esibukela kulona eNingizimu Afrika. Kuphinde kwacaca endleleni edlale ngayo ngempelasonto (ihlula i-Al Ahly), yenza abantu bakuleli baziqhenye,” kusho uBarker, ephawula kwiSuperSport ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu.
“Bayiqembu elisezingeni eliphezulu ngempela kodwa uma ufuna ukunqoba isicoco kufanele udlale namaqembu ahamba phambili futhi uwanqobe. Silindele enye inselelo kodwa siwubheke ngabomvu umdlalo.
“Nginalo ithemba lokuthi singadlala kahle futhi senze okungcono kunalokhu esikwenze emdlalweni weligi wakamuva. Uma singakwenza lokho singazibeka ethubeni lokuwunqoba umdlalo.”
IStellies ikhiphe iSwallows ngo 3-0 kwi-Last 16 yeNedbank Cup, yanenebula iTS Galaxy ngo 6-3 kwi-Last 16 ngeSonto. AmaBrazilians aqale aguqisa iRichards Bay FC ngo 3-2, adlula kwiMarumo Gallants ngo 3-1.
Omunye wabaqeqeshi bamaSandawana, uSteve Komphela, uthe bebevele bekulindele ukuqhathwa neStellies noma iRoyal AM njengamaqembu abasanda kubhekana nawo kwiligi, wavuma nokuthi ngeke kube lula ukudlala nezikaBarker.
“Kunzima ukubhekana neStellies futhi kuzoba nzima kabi kakhulu ngemuva komphumela abawuthole izolo (behlula iTS Galaxy ngo 6-3 ngeSonto). Kukwenza ucabange ngempela. Akusimangazanga esikubone kulowo mdlalo ngoba yinto esabhekana nayo ngesikhathi sidlala nabo eKapa,” kusho uKomphela.
“Zimbili izinto ebesizibhekile ngaphambi kwalolu hlelo, besicabanga ukuthi singayithola iStellenbosch ngoba besisanda kudlala nayo, noma kungenzeka sithole iRoyal AM ngoba bekunguwona umdlalo wethu olandelayo kwiligi.
“Kwenzekile-ke sathola iStellies. Emqhudelwaneni womkhumulajezi awekho amahlathi okucasha, kumele ugudluze noma yiliphi iqembu oqhathwa nalo. Siwubheke ngabomvu umdlalo.”
Kweminye imidlalo yama-quarterfinal, iDondol Stars, egijima kwi-ABC Motsepe League, izobhekana ne-Orlando Pirates, kuthi iRoyal AM itholane phezulu neKaizer Chiefs kanti iChippa United izodudulana neSekhukhune United.