UMENGAMELI weSafa eThekwini, uMazwi Mkhize, uthi noma bengeke bakwazi ukuphoqa izinhloli zamaqembu ebhola esizwe nawePremier Soccer League (PSL) ekuthatheni abadlali baseThekwini kodwa bazoqhubeka nokunxenxa osomabhizinisi ekuxhaseni imiqhudelwano yebhola ngaphansi kwalesi sifunda.
UMkhize ukusho lokhu ngenkathi kwethulwa umqhudelwano webhola iRoy Moodley Legacy Cup, e-Onomo Hotel, eThekwini, izolo.
UMoodley ungusomabhizinisi nosopoliti ongumengameli wenhlangano ye-African Movement Congress (AMC).
Lo mqhudelwano ozoxhaswa ngo-R1 million iminyaka emihlanu kusukela ngo-2025, uzodlalelwa ngamaqembu ebhola angaphansi kososeshini beSafa eThekwini, kusukela ngonyaka ozayo.
“Okokuqala nje engifisa ukukucacisa wukuthi iSafa eThekwini ayizihlanganisi nepolitiki, kuphela nje sisebenzisana nabo bonke osomabhizinisi abanenhloso yokufaka imali ekuthuthukiseni ibhola kulesi sifunda.
Uma ngingenza isibonelo nje, amaligi ethu ebhola alapha eNingizimu Afrika, iSafa ABC Motsepe League, neMotsepe Foundation Championship, axhaswe ngezigidi zemali wuPatrice Motsepe ongusomabhizini futhi oyilungu le-ANC.
IPrince Mangosuthu Legacy Cup yasungulwa ngumholi we-IFP ongasekho, uMntwana uMangosuthu Buthelezi. Idlalelwa ngamaqembu ePSL. Angasho ukuthi wona ngeke adlale kulo mqhudelwano ngoba oweNkatha? Cha.
Ibhola lihlanganisa abantu kungakhathalekile ukuthi ngabeziphi izinhlangano zepolitiki. Okuyingakho ngithi angikucacise ukuthi ubudlelwane bethu njengeSafa eThekwini noMoodley akuhlangene nakancane nepolitiki, nokukhankasela inhlangano yakhe yepolitiki njengoba ukhetho lukazwelonke seluseMome,” kusho uMkhize.
“ITheku laziwa ngokukhiqiza abadlali abasezingeni eliphezulu abebehlala bekhona emaqenjini esizwe, okubalwa kuwo iBafana Bafana no-Under 23, kodwa manje esibona kungasenzeki.
Ngakho kuyasikhathaza lokhu, okuyingakho siqhubeka nokusebenza ngokungakhathali ekuthuthukiseni ibhola kulesi sifunda, okubalwa kukho nokunxenxa osomabhizinisi ekuxhaseni imiqhudelwano yethu yebhola.
Ithalente likhona kulesi sifunda seTheku, yinto eyaziwayo leyo, kodwa-ke ngeshwa ngeke sikwazi ukuziphoqa izinhloli zamaqembu esizwe nezePSL ekuthatheni abadlali bethu. Kuphela nje thina sizoqhubeka nokubanika ithuba abadlali bethu lokubamba iqhaza emiqhudelwaneni yethu, bese kuba kuzona-ke izinhloli ukuthi zenzani ngethalente ezilibonayo.”
UMoodley uthe: “Kuyangithokozisa kakhulu ukuba yingxenye yokuxhasa lo mqhudelwano webhola, ngoba ngikholelwa kakhulu ekutheni ibhola lihlanganisa abantu bezinhlanga ezahlukene. Nginesifiso esikhulu sokuthi kule minyaka emihlanu nginobudlelwano neSafa eThekwini, sibone abadlali ababili noma abathathu abakhiqizwe yilo mqhudelwano.”