UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ufuna basebenzise umdlalo weCaf Champions League ukukhohlwa osekwedlule.
IPirates izobhekana neJwaneng Galaxy yaseBotswana emdlalweni womlenze wesibili wesigaba sokugcina sokuhlungela ukungena kwesamaqoqo e-Orlando Stadium, eSoweto, namuhla, ngo-7.30 ebusuku.
Emdlalweni womlenze wokuqala ekuhambeni, eZimnyama ziguqe ngo 1-0. Lokhu kusho ukuthi zidinga amagoli amabili, kungangeni lutho ngakuzona ukuze zizodlulela esigabeni samaqoqo.
Nokho kungenzeka kube wumqansa lokhu kwiPirates ehluliwe emidlalweni emithathu yakamuva futhi yahluleka ngisho ukushaya igoli. Ishaywe yiJwaneng koweChampions League ngo1-0, yahlulwa yiMamelodi Sundowns koweDStv Premiership ngo1-0, yagcina ngomphumela ofanayo kwiStellenbosch kwiMTN8 ngempelasonto edlule.
"Siphuma emiphumeleni okunzima ukuyamukela. Emidlalweni emithathu edlule, sidlale emiqhudelwaneni emithathu. Ngenhlanhla kowokugcina, umphumela bewanele ukusidlulisela kowamanqamu. Kwesinye isikhathi leyo miphumela iyasiza ukuze sikuqonde ukuthi uma singadlali kahle, singekho esimeni esihle ngokomqondo, singabukeka siyiqembu elihlukile kalula. Akukhona esifuna ukuba yikhona lokho," kusho uRiveiro.
"Kusasa (namuhla), ngaphezu kwemiphumela, yithuba lokukhohlwa umdlalo odlule ngokushesha. Yithuba lomphumela omuhle nokudlala kahle phambi kwabalandeli bethu. Emdlalweni odlule, sidlale begcwalise inkundla kodwa asibanikanga lokhu okubafanele. Kusasa sikulungele, sifuna ukukwenza lokho futhi abadlali bazinikele. Bayazi ukuthi sidlalelani nokuthi kubaluleke kangakanani."
IPirates izobhekana nomqansa kumqeqeshi waseMzansi, uMorena Ramoreboli, ongakaze ahlulwe uma ebhekene nayo. Lo mqeqeshi uwine iligi yaseBotswana neJwaneng ngesizini edlule.
"Wumdlalo wasekhaya neqembu elihle eselivele lihamba phambili ngo1-0. Yinselelo kodwa siyazithanda izinselelo. Leli yithuba lokukhombisa ukuthi ngisho ezimeni ezinzima singaphumelela, singashaya into ecokeme. Imidlalo esesiyidlalile ayisasho lutho. Okwenzeke eBotswana sekudlulile.
“Kusasa (namuhla) sinethuba lokuzibhalela ikhasi elibalulekile emlandweni weqembu, thina nekusasa lethu nokunye okuningi. Abadlali bayafuna ukuya kulo mqhudelwano beyozihlola emaqenjini amakhulu ezwenikazi. Ngakho uma singaphumeleli kuzobe kungasho ukuthi asenzanga konke. Kuzoba nzima kithina kodwa kuzoba nzima kakhulu eqenjini esizodlala nalo," kusho uRiveiro.
"Silindele ukushiya ubusuku obungeke bukhohlweke kusasa. Umndeni wePirates wonke, sisonke sibhekene nomdlalo obalulekile. Omunye webaluleke kakhulu kule sizini uma kungasho ukuthi ubaluleke kunayo yonke. Sizilungiselele leso sikhathi, senze konke okusemandleni, senze isiqiniseko sokuthi sizithola esigabeni samaqoqo. Lokho kungesinye sezifiso zeqembu kule sizini. Sinakho konke kokwenza lokho kwenzeke. Ngakho sikubheke ngabomvu ukuqala komdlalo sikhombise esingakwenza."