UMDLALI wasesiswini, uMiguel Timm, ofike kwacaca kwi-Orlando Pirates, akazele ukuzosinisa amahleza kwiBafana Bafana okubhekwe ukuthi abe ingxenye yayo kowobungani ezowugijima neMozambique, namuhla ngo-8.30 ebusuku eMbombela Stadium.
Kusukela efike kwiPirates esuka kwiMarumo Gallants ekuqaleni kwesizini, uTimm ugqame njengesibani esiswini sePirates okufakazelwa ukuthi usedlale kwengu-11 yeligi nemine yeMTN8.
Ngaphezulu kwalokhu, ungomunye wabebegqamile endleleni yeBucs ebibheke esicocweni seMTN8 abasidle kuMaZulu FC emasontweni adlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ukugqama kwalo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala, buhehe iso lomqeqeshi weBafana, uHugo Broos, wambizela esikwatini sakhe esizobhekana neMozambique namuhla ebusuku ne-Angola ngeSonto ntambama, kweyokuzwana amandla eMbombela Stadium.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ekuqaleni kwesonto, esekhempini, uTimm ukubeke kwacaca ukuthi akazele ukuzodlala ngethuba kuleli qembu lesizwe, kepha uzofaka isandla esizokwenza abaqeqeshi bangamkhohlwa njalo uma becabanga ngabadlali abazobabizela kwiBafana ngokuzayo.
“Ngiyaqonda ukuthi kule midlalo emibili engibizelwe yona kwiBafana kungenzeka kube eyokugcina ngingaphinde ngibizwe ngoba impilo injalo kodwa futhi ngiyazi ukuthi ngingenza kahle ngiyithathe kanjalo indawo,” kusho yena ngokuzethemba.
“Ngiyibheke ngabomvu le midlalo emibili esizoyidlala futhi ngizofaka wonke amandla enginawo kuyona ukwenza abaqeqeshi bangikhumbule njalo. Ikusasa lami kwiBafana liyobe selisezandleni zabo (abaqeqeshi).
“Ngiyakwazi okufanele ngikwenze. Ngikusho lokhu ngaphandle kokwazi ukuthi ngizobe ngisenkundleni noma cha kodwa ngizimisele ukufaka isandla esibonakalayo ngisho ngabe ngihleli ebhentshini,” kusho uTimm.
UBroos, obeyingxenye yalesi sithangami, uthe sekunesikhathi uTimm ethathe iso lakhe.
“Umuntu olaziyo ibhola ngeke abe nemibuzo ngokuthi kungani uTimm ebizelwe eqenjini lesizwe ngoba indlela adlala ngayo eqenjini lakhe iyazikhulumela,” kusho lo mqeqeshi waseBelgium.
“Kukhona obese kunesikhathi benginxenxa ngoTimm kodwa ngikholelwa ekuziboneleni mina. Ubelokhu edlala ngendlela eyodwa kwiPirates kwacaca ukuthi kufanele ngimbize njengoba ngenzile.
“Akekho esikwatini ngoba kukhona olimele kepha kade siqalile simbheka saze sagcina sivumile ukuthi sithathekile ngaye,” kusho uBroos.