UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, akasiboni isidingo sokuhlala phansi noMonnapule Saleng, okukhulunywa ngaye iNingizimu Afrika yonke, ngoba akakholwa wukuthi lizovuvukala ikhanda lalo mdlali osematheni.
URiveiro ukusho lokhu esithangamini nabezindaba eGoli lapho ebenaba khona ngamalungiselo okubhekana neKaizer Chiefs koweDStv Premiership namhlanje ngo-3.30 ntambama, eFNB Stadium.
Iminyakazo ebonakalayo kaSaleng, isimenze waba womunye wabadlali okukhulunywa ngabo cishe kunabo bonke kuleli, okuyinto abanye ebuye ibavuvukalise ikhanda abadlali.
Lesi siphekepheke ebesibolekiswe kwiSwallows FC ngesizini edlule, sikhombisa izimpawu zokuvunywa yisikhathi kwazise sigingqa kwasani olubekwa phambi kwaso, okuhlanganisa nabadlali abahlonishwayo kuleli njengo-Andile Jali noRushine DeReuck, bobabili beMamelodi Sundowns.
Kube amagoli amabili kaSaleng nelilodwa alakhele uKermmit Erasmus, angcwabe iSundowns ngesikhathi iPirates iyikhipha kwiMTN8 ngempelasonto. Ifomu kaSaleng yenza abe ngomunye wabadlali abazobe bebhekiwe ukuthi benze izinto zenzeke kowomkhaya baseSoweto kowakusasa.
URiveiro uthe akaboni uSaleng (24) ukuthi usengazikhukhumeza ngokunconywa akutholayo.
“USaleng umfana omncane ojabule enhliziyweni, ongafuni ukwenza enye into ngaphandle kokuba senkundleni adlale ibhola,” kusho uRiveiro.
“Angisiboni isidingo sokuhlala naye phansi ngoba uzijabulele ngaso sonke isikhathi. Futhi lokhu esikufuna kuyena ukwenza ngendlela. Uhlale eyinto eyodwa. Wumfana ozijabulele nje,” kuqhuba umqeqeshi.
“Udlala kahle ngoba uzungezwe ngabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Naye uyakuqonda lokhu, futhi kuyamjabulisa. Kodwa iqiniso wukuthi (uSaleng) uzithandela ukudlala ibhola, ngakho-ke ujabule kulezi zinsuku ngoba lokhu akuthandayo kuyenzeka.
“Kuliqiniso vele ukuthi abadlali kufanele bakhalinywe kwesinye isikhathi, kodwa kulokhu asikho isidingo.
“Ngibheke kakhulu laba badlali abangadlali kulezi zinsuku, hhayi abagqame njengoSaleng. Bonke abadlali bami bamqoka njengaye uSaleng, kwayena ongazange ayiqale isizini,” kuqhuba uRiveiro.
Uvumile ukuthi kuzoba yisithuba elibalulekile kuyena ukuba yingxenye yalo mdlalo kodwa akakhohliwe wukuthi nawo njengeminye, ukhipha amaphuzu amathathu.
“Ngiyafuna ukuwina lo mdlalo, ukuze sizokwengeza emgodleni wethu engicabanga ukuthi uyashoda.
“Ngiyavuma futhi ukuthi kuzoba yithuba elibalulekile kimina ukuba yingxenye yawo, kodwa engizama ukukufaka ezingqondweni zabadlali wukuthi bangakhohlwa ukuthi umvuzo uyafana nakule eminye imidlalo yeligi, lapho abasuke bengekho abantu abangu-90 000,” kusho umqeqeshi waseSpain.
Adayiswe aphela amathikithi alo mdlalo alinganiselwa ku-93 000. I-Pirates ibambe indawo yesine kwi-log ngamaphuzu awu-19. IChiefs inawu-18 endaweni yesihlanu. Womabili amaqembu anemidlalo ewu-12.