SIBONA seliya ngokuya lifezeka iphupho laso leminyaka isikhulu seNjampela FC edle umhlanganiso emdlalweni wokuhlunga umpetha waKwaZulu-Natal we-Safa ABC Motsepe League.
Lesi sicoco sihambisana negunya lokuyomela lesi sifundazwe emidlalweni kazwelonke yokuhlungela ukukhuphukela kwiMotsepe Foundation Championship (National First Division).
UVusi Buthelezi ongusihlalo weNjampela usho kanje ngemuva kokuba ezakhe ziguqise uMsinga United ngo 1-0 ngeSonto kwaNgcedomhlophe Stadium, eMandeni ngempelasonto edlule.
Imidlalo yokuhlunga kazwelonke izodlalelwa e-Upington, eNorthern Cape ngoJuni 3-9.
INjampela yaKwaNongoma okuyisizini yayo yesine igijima esigabeni se-ABC Motsepe League, kungokokuqala iyobamba iqhaza kule midlalo kazwelonke.
“Okokuqala ngibonga uNkululunkulu ngomsebenzi omuhle kangaka owenziwe ngabafana nomqeqeshi wokufinyelela kuleli zinga esikulona njengamanje.
“Lokhu kusho lukhulu endaweni yaKwaNongoma nasesifundeni saseZululand sonkana. Osekusele manje yisinyathelo sokugcina sokuzabalazela ukunqoba emidlalweni kazwelonke, sifake leli qembu esigabeni esikhokhelayo,” kusho uButhelezi.
Ucele ukwesekwa okuzovela kubathandi bebhola esifundazweni.
“Esikucelayo njengamanje wukuthi abathandi bebhola baKwaZulu-Natal, kungasebona abeqembu lethu kuphela, basibeke emthandazweni bavule izinhliziyo.
“Siyabethembisa ukuthi sizonqoba emidlalweni kazwelonke, senze isifundazwe siziqhenye njengoba enzile amanye amaqembu aseke asimela ngaphambilini kumasizini edlule,” kuqhuba uShenge.
Uthe unephupho elikhulu ngaleli qembu kancane, kancane ulibona lifezeka leli phupho lakhe lokuthi indawo yakubo KwaNongoma igcine ineqembu elidlala esigabeni esikhokhelayo.
Lokhu uthe kuzovulela abadlali bakule ndawo ithuba lokuveza ikhono labo bakwazi nokuziphilisa ngebhola njengoba kwenza abanye abadlali bakwezinye izindawo.
Umqeqeshi weNjampela uTshepo Motsoeneng ubeke kanje: “INjampela ngiyifanisa nomshini engiwuthole ugaya kahle, mina ngafaka amafutha nje kuphela waqhubeka wagaya kakhulu kunakuqala.
“Angenzanga zinguquko ezinkulu ngoba umsebenzi obewenziwe ngabaqeqeshi abangaphambili kwami muhle kakhulu.
“Le mpumelelo akuyona eyami kuphela kodwa eyethimba labaqeqeshi lonkana ikakhulukazi umsizi wami uNkululeko Nzama engimfice ekhona eqenjini,” kusho Motsoeneng.
Uthe uNzama umcebise ngezinto eziningi. Nokwesekwa esikutholayo ngasohlangothini lwabaphathi beqembu kuklame indima enkulu.
Ebuzwa lo mqeqeshi osengumakadebona ekuqeqesheni kwi-ABC Motsepe League ukuthi amava akhe kweyokuhlunga kwekazwelonke, ubona ezolisebenzela yini leli qembu, uthe konke kuncike kubadlali bakhe alindele okwehlukile kubona kule midlalo.
“Yehluke kakhulu imidlalo kazwelonke kuneyesifundazwe kodwa ngiyabethemba abadlali bami ukuthi bazowenza umsebenzi,” esho.
Lo mqeqeshi uke wahola ngempumelelo iBizana Pondo Chiefs yase-Eastern Cape idla ubhedu kumaPlay-Off kazwelonke e-ABC Motsepe League ngo-2020.
Useke waya kwekazwelonke namanye amaqembu eMotsepe League, okubalwa iZizwe United, Buffalo City, Sinenkani FC neTornado FC.