Kunezimpawu zokuvula izandla ngokushiya kwiCape Town City komunye wokaputeni baleli qembu, uThabo “Mkhuthuzi” Nodada, obegeqa amagula ngekusasa lakhe ngesikhathi kuqhathwa eye-Last 32 kwiNedbank Cup ngeledlule eGoli.
UNodada (28) ofike kwiCape Town City maphakathi no-2015, uzwakale engakwemukela ukushintsha umoya uma kwenzeka kukhona iqembu elimgaqele. KwiNedbank Cup, iCity izobhekana nezimbangi zayo ezindala, iSuperSort United ekuhambeni enkundleni nangosuku olusazomenyezelwa.
Sekuneminyaka lo mdlali oqale nayo phansi iCape Town City ngesikhathi ishintshwa ngo-2016 kade yaziwa ngeleMpumalanga Black Aces, emataniswa nendlela ephumayo kuleli qembu asedle nalo izindebe kwiPremier Soccer League (PSL) kodwa aqhubeke adlale kulona.
Kunesikhathi lapho uNodada akhonjwe khona kwiMamelodi Sundowns kodwa wangahamba kwalandela amahlebezi abemkhomba kwiKaizer Chiefs nakhona kwagcina kuphelele emoyeni.
Kwavela nendaba yeqembu laseBelgium ebelimfuna ngaphambi kokuqala kwesizini edlule.
NaMaZulu FC abaliwe namaqembu angase asayinise uNodada ngonyaka odlule lapho obekuvela khona negama le-Orlando Pirates kula mahlebezi. Nokho usihlalo weCity, uJohn Comitis, ubengayizwa eyokumdedela. Inkontileka kaNodada neCity izophela ngoJuni.
“Ngingomunye wabadlali obelokhu ekhona kusukela iCity isungulwa futhi ngicabanga ukuthi uma uwahlanganisa wonke amasizini (kusukela iCity ibunjiwe) uzophuma nesibalo sokuthi kuwona wonke, ithina esilele isibili kwiSundowns. Namanje kwi-log ithina futhi esiyimise kabi leyo Sundowns,” kusho uNodada ngaphandle kokuthi ubona kuyiDowns kuphela asengayidlalela eNingizimu Afrika.
“Ngizishaya isifuba ngakho konke engikwenzele iCity kule minyaka edlule futhi angikhali ngalutho endleleni engiphethe ngayo kuze kube yimanje.
“Ngeke ngivume kodwa ngeke ngiphike ukuthi sengikulungele yini ukushiya iqembu lami kodwa engingeke ngikufihle ukuthi uma kuvela ithuba lokushintsha umoya angazi kuzokwenzekani.
“Ngiyaqonda ukuthi konke lokhu kuthinta iqembu lami ngakho-ke noma ubani ofuna ukukhuluma noNodada kufanele aqale ezikhulwini zamaCitizens,” kuphetha uNodada osiza uThami Mkhize ngokuhola leli qembu.
ICity izobuyela enkundleni ngoFebhuwari 13 uma isiyobhekana neMoroka Swallows koweDStv Premiership e-Athlone Stadium, eKapa.