IKAIZER Chiefs iyiqembu elikhulu okungafanele ngabe kukhulunywa indaba yokuthi lizabalazela ukungena kwiTop 8 nje kuphela.
Usho kanje unozinti weChiefs, uBruce Bvuma, ongomunye wabadlali abamqoka leli qembu elithembele kubona njengoba lisemshikashikeni wokuqeda isizini liphakathi kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwi-log yeDStv Premiership ngenhloso yokuzibekela indawo kwiMTN 8 ngesizini ezayo.
IChiefs ehlezi ngesinqe esisodwa endaweni yesishiyagalombili kwiPremiership, isalelwe yimidlalo emibili isonge isizini nokuqinisekisa ukungena kwiTop 8.
Izotholana phezulu nePolokwane City kowePremiership, eFNB Stadium, eNasrec namuhla ngo-3 ntambama.
Amakhosi abanga indawo yesishiyagalombili kwi-log nayo iPolokwane esendaweni yesishiyagalolunye. Zibambene ngamaphuzu angu-35. IChiefs ingaphezulu kwePolokwane ngenxa yomehluko wamagoli.
Izovala isizini ngokudlala neCape Town Spurs ngoMgqibelo ozayo e-Athlone Stadium, eKapa.
“Yomibili le midlalo esisalele ukubala nalo esiyowudlala nePolokwane, kufanele nakanjani sibuye namaphuzu ayisithupha kuyona.
“Basilandela eduze kakhulu (iPolokwane), ngakho-ke ukubanqoba kwethu kuyobe kusho ukwehla komthwalo kithina.
“Sizifake thina kulesi simo esikusona, ngakho kufanele sisebenze kanzima ukwenza isiqiniseko sokuqeda isizini sikuTop 8,” kusho uBvuma ekhuluma nezintatheli.
Uthe bengabadlali bakuqonda kahle ukuthi iqembu elinjengeChiefs akufanele ngabe kukhulunywa indaba yokuthi lizabalazela ukungena kwiTop 8 ngalesi sikhathi sesizini, ngoba yiqembu elikhulu.
Ukuvezile ukuthi ababanga nesizini enhle phezu kokuba beqale isizini bezimisele ngokuwola izicoco kodwa izinto azangenzeka ngokufisa kwabo.
UBvuma ngomunye wabadlali ababili beChiefs ababizelwe esikwatini esisazophundlwa seBafana Bafana sabangu-36 esimenyezelwe phakathi nesonto.
Kuzokhethwa kusona abangu-23 ngaphambi kwemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, elakuleli elizoyidlala neNigeria neZimbabwe ngoJuni.
Omunye umdlali weChiefs oqokwe ngumqeqeshi uHugo Broos nguGiven Msimango odlala maphakathi emuva.
Ephawula ngokubizwa kwakhe kwiBafana, uBvuma uthe: “Ngiyakuthokozela ukuba phakathi kwabadlali abamenyezelwe eqenjini lesizwe (labangu-36).
“Ngikholwa ukuthi ukwenza kahle kwami emidlalweni esele yeligi yikho okuzongiphendlela indawo esikwatini sabangu-23 okuyisona esiyodlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.”
Amakhosi abhekene nehlazo elawehlela ngesizini ka-2018/19 ehluleka wukuzibekisela indawo kwiTop 8 okokuqala emlandweni wePremiership. Ngaleyo sizini aqeda endaweni yesishiyagalolunye.