UVELA Khumalo, ongumqeqeshi weqembu leKaizer Chiefs leDStv Diski Challenge, akaboni sizobuya eMzansi isethenjwa sakhe uMduduzi Shabalala esiyozama inhlanhla phesheya kwezilwandle.
IChiefs imemezele ukuthi uShabalala ulifulathele leli ngoMsombuluko, ukuyohlolwa amasonto amabili yiKVC Westerloo edlala ku-B Division waseBelgium. Izolo, bekulindeleke ukuthi uShabalala alandelwe ngunozinti uBontle Molefe oyohlolwa inyanga yonke yiRoyal Antwerp edlala ku-A Division waseBelgium.
Bobabili laba badlali bakhulele enkulisa yeChiefs futhi badlalile ngempelasonto edlule ngesikhathi leli qembu lehlulwa yiChippa United ngo-3-2 koweDiski Challenge.
"Nginesiqiniseko sokuthi uMdu ngeke abuye eNingizimu Afrika. Angazi ukuthi bazomthatha eBelgium noma eSpain kodwa bazothatheka yikhono lakhe. Indlela ayiyona nekhono analo, yikhona okumenza umdlali okhethekile. Akayena umdlali onekhono kuphela kodwa uyazimisela. Bengingafuni ukumdlalisa ngesikhathi sibhekene neChippa kodwa wangincenga, wathi ufuna ukudlala okokugcina. Wuhlobo lomdlali ayilona. Uhlala efuna ukusebenza," kusho uKhumalo.
UShabalala ushiye eseshaye amagoli ayisishiyagalolunye kwiChiefs, wakha inqwaba. Emuva kokuhlolwa eBelgium, uShabalala uzoyohlala amanye amasonto amabili eSpain, lapho ezojima khona nezinkunzi iReal Madrid neBarcelona. Lapho uzobe ebukwa yizinhloli zamaqembu ahlukene emhlabeni. UShabalala uthole leli thuba kulandela ukuqokwa njengomdlali ovelele kwiCosafa U/17 ngo-2020. Lolu hambo lwaphazamiseka ngenxa yokudlanga kweCovid-19.
"Ngibafisela inhlanhla benoBontle. Yilowo umsebenzi wethu kwiChiefs. Ngaphandle kokulwela ukucosha amaphuzu njalo ngezimpelasonto, kudingeka sikhiqize abadlali abazokwazi ukuyibamba e-Europe. Ukuphumelela kwabo kuzovulela iminyango abanye abadlali beChiefs phesheya kwezilwandle. Ngaphezu kwalokho, lapha kuzovuleka indawo yabanye abasele eqenjini ukuthi basebenze kanzima, bafune ukufana noShabalala noBontle," kusho uKhumalo.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
NgoMgqibelo: Ngo-10am: Chippa United v Maritzburg United (Wolfson Stadium); Golden Arrows v Marumo Gallants (Princess Magogo Stadium); Orlando Pirates v Mamelodi Sundowns (Wits Stadium).
Ngo-12.30pm: Swallows v Chiefs (Wits Stadium).
NgeSonto: Ngo-10am: Cape Town City v TS Galaxy (Idas Valley Sports Ground); Baroka v Sekhukhune United (Old Peter Mokaba Stadium); Royal AM v AmaZulu (Mpumalanga Stadium).
Ngo-12.30pm: SuperSport United v Stellenbosch (Idas Valley Sports Ground).