UMQEQESHI weqembu lesizwe iBafana Bafana, uHugo Broos, usephonsele inselelo iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates okungamaqembu amakhulu eNingizimu, ukuthi abhukule ekwenyuseni izinga, kuphele ukukhonya kweqembu elilodwa iMamelodi Sundowns esigabeni seDStv Premiership.
UBroos ukusho lokhu ngemuva kokumemezela kwakhe isikwati sabadlali abangu-23 seBafana Bafana esizotholana phezulu neLiberia emidlalweni yemilenze emibili yeGroup K, okungeyokuhlungela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba ngonyaka ozayo e-Ivory Coast.
Okwenze lo mqeqeshi aveze lo mbono, yingenxa yokubiza kwakhe iningi labadlali beSundowns esikwatini, ekubeni bebathathu kuphela abePirates ababizile, ingasaphathwa eyeChiefs yona engenaye nowokubika umdlali kwiBafana Bafana kwesizodlala neLiberia.
“Nicabanga ukuthi akuyona into efanele ukuba iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates phambilini obekungamaqembu abehlale esembangeni wesicoco seligi, ashiywe yiSundowns ngegebe elikhulu kangaka lamaphuzu angu-20 kwi-log?
Kukhona okungahambi kahle, hhe? Futhi angazi nami ukuthi yini (engahambi kahle),” kusho uBroos.
“Akukuhle amaqembu anjengeChiefs nePirates, okungamaqembu amakhulu kuleli lizwe ukuthi angabi nabadlali abaningi eqenjini lesizwe. Akukuhle ngempela lokhu.
“I-Chiefs kayenzi kahle, kodwa ingconywana njengamanje. Ngesifanayo nakwiPirates, nayo ebhala icisha. Lokhu okusho ukuthi alukho uzinzo nokubamba umgqigqo kula maqembu.
Bengibuka i-log yamasizini amahlanu iSundowns enqobe ngawo izicoco zeligi, ukuthi igebe bekuba ngamaphuzu amathathu kuya kwamabili kodwa manje sikhuluma ngokuvula kwayo igebe lamaphuzu angu-20, okuyinto engeyinhle.
Asethembe ukuthi iChiefs nePirates bazobuyela ezingeni labo ngokushesha ukuze bezokwazi ukuncintisana neSundowns embangweni wesicoco seligi.
Lokho kungalenyusa izinga lebhola (kwiDStv Premiership) ngoba njengamanje iSundowns iyazenzela nje,” kusonga lo mqeqeshi obeka umbono wakhe njengoba unjalo.
IBafana izoqala ngokuba ngosokhaya kwiLiberia emdlalweni ozokuba se-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesihlanu bese ibhekana nayo futhi emlenzeni wesibili ekuhambeni ngoMashi 28.
Bayisishiyagalombili abadlali beSundowns ababizwe eqenjini lesizwe, okubalwa kubona unozinti uRonwen Williams, uThapelo Morena, u-Aubrey Modiba, uCassius Mailula, uThemba Zwane, uTeboho Mokoena, uMothobi Mvala, uGrant Kekana,
KwiPirates kubizwe u-Innocent Maela, uNkosinathi Sibisi noMannapule Saleng, naye ongomunye wabadlali abasefomini enhle kakhulu kule sizini.