XOLILE MPISANE
OWAYENGUKAPUTENI weBafana Bafana, uDean Furman, usencelisa amawele eqenjini lakhe iWarrington Rylands njengoba esanda kunikwa isikhundla sokuba yibamba lo mqeqeshi.
UFurman (34) wadlala kwiRangers yaseScotland kanjalo ne-Oldham Athletic neDoncaster Rovers yase-England ngaphambi kokujoyina iSuperSport United ngo-2015.
Ushiye kuMaTsatsantsa ngo-2020 wabuyela e-England lapho afike wagijima khona kwiCarlisle United ne-Altrincham ezigabeni eziphansi, ngaphambi kokuthi ajoyine iRylands ngonyaka odlule.
Leli qembu lidlala kwiNorthern Premier League, okuyisigaba sesikhombisa ebholeni lase-England.
UFurman kanye nozakwabo uSam Egerton bathathe izintambo ngemuva kokushiya kobecija leli qembu, u-Jody Banim, ngoMsombuluko odlule.
“Ukuthatha izintambo njengomunye wabaqeqeshi kungivule amehlo. Sonke isikhathi esisitholayo sisisebenzela ukubuka imidlalo yamaqembu esizobhekana nawo futhi siqhamuke nezinhlelo esingazisebenzisa uma silungiselela imidlalo,” kusho uFurman ekhasini le qembu kwiYouTube.
“Into esifuna ukuyenza ngesikhathi sisahola iqembu wukudlala imidlalo eminingi ilandelana ngezinga eliphezulu, singagcini nje ngokudlala kahle bese siyehla.”
I-Rylands isendaweni ka-10 kwi-log ngamaphuzu angu-42 emidlalweni engu-30.
Kowokuqala ngaphansi kukaFurman no-Egerton ngoMgqibelo idle iHyde United esendaweni yesibili ngo 1-0.
Nokho laba baqeqeshi bathole isibhaxu sokuqala ngoLwesibili ebusuku beguqiswa yi-Atherton Collieries ngo 2-0.
Bobabili bebehola bangaphakathi enkundleni kuyo yomibili le midlalo, uFurman eyibambe esisiwini, u-Egerton evale emuva.
“Sisebenze kanzima impela ejimini. Ngicabanga ukuthi sonke silwile futhi siyinqobe kufanele iHyde. Sizamile ukushintsha umoya wabadlali ukuze bazethembe,” kuqhuba uFurman.
“Uma sidlala ngalelo zinga lomfutho nomfutho futhi wonke umuntu eqhubeka nokulwela omunye sizoba yiqembu okunzima ukudlala nalo.
“Umdlalo wesibili ubuhluke kakhulu kowokuqala, ngoMgqibelo sidlalele enkundleni lapho besizolehlisa khona ibhola sidlale ibhola elisezingeni.
“Sithe sifika emdlalweni wesibili sazibona izimo esizobhekana nazo kodwa ngebhadi asizange sikwazi ukumelana nazo, futhi lokho kuyasidumaza impela.
"Ngemuva kokwenza kahle ngoMgqibelo sizenzele phansi sibhekene ne-Atherton. Isimo senkundla besihlukile kodwa yinto okumele siyilindele kule ligi esidlala kuyona.”
UFurman washiya kuMatsatsantsa ngesikhathi sobhubhane lweCovid-19 ngo-2020 ukuze abe seduze nomndeni wakhe e-England.
Wayesedlale imidlalo engu-155 kuleli qembu futhi wayengukaputeni ngaleso sikhathi. Unqobe nalo izicoco ezimbili zeNedbank Cup nezimbili zeMTN 8.
Udlale imidlalo engu-56 kwiBafana Bafana okuhlanganisa nemiqhudelwano emithathu ye-Africa Cup of Nations, ngo-2013, 2015 nango-2019.