UMQEQESHI wenkulisa i-Old Mutual Academy, uMzonzima Xheshisa, uzishaya isifuba ngempumelelo kaThapelo Xoki, ogijima kwi-Orlando Pirates, amvundulula eKapa eminyakeni edlule.
UXoki (27), obengukaputeni waMaZulu phambilini, usayine kwiPirates ekuqaleni kwesizini. Nakuba ziqale zamphika izinto kweZimnyama kodwa uselithole ijezi emidlalweni eyisishiyagalolunye esikimini somqeqeshi uJose Reviero.
"Ngiyaziqhenya ngaye nangendlela asekhule ngayo ebholeni. Ngamthola eneminyaka engu-17. Sadlala neqembu lakhe salishaya ngo 18-0 kodwa ngambona uThapelo indlela ayengapheli moya ngayo, ekhuthaza abanye abadlali. Ngesikhathi ngitshela abanye abaqeqeshi ukuthi ngibone umdlali kuleliya qembu, bavele bangihleka. Ngisho umqeqeshi weqembu lakhe akakholwanga ngimtshela ukuthi ngiyamfuna. Enkulisa i-Old Mutual, nakhona babemhleka efika ngenxa yokuthi uphuma eqenjini esilishaye kakhulu. Babengakholelwa kuyena," kulandisa uXheshisa.
Ukungakholelwa kwabantu kuXoki, kufike kwaqhubeka esekuMaZulu kodwa wagcina esengukaputeni. Ugcine engomunye wezintandokazi zomqeqeshi uBenni McCarthy.
UXheshisa, uthe ubekhathazekile ngendlela uRiviero aqale wamdlalisa ngayo uXoki odongeni lwasemuva lwePirates.
"Ngibonile kwiPirates ukuthi badlala ngabadlali abathathu emuva, yena bamdlalisa kwesokunxele ekubeni udlala ngonyawo lwesokudla. Ngimfonelile ngambuza ukuthi kungani kwenzeka kanjalo? Ngabe bafuna ahluleke yini. Kodwa wangichazela ukuthi umqeqeshi umdlalisa kuleya ndawo ngoba kulimele u-Innocent Maela. Ngiyamazi ukuthi ungumdlali ozinikelayo futhi ongakhonondi," kusho uXheshisa.
"Indlela azikhandla ngayo ngiyakholwa wukuthi eminyakeni emibili ezayo uzodlala kwiBafana Bafana. Uwuhlobo lomdlali oyivela kancane eMzansi. Uyalalela futhi usebenza ngokuzikhandla okuyinto engajwayelekile kubadlali bakuleli. Ngihlala ngisho ukuthi uma singathola oXoki abangu-11 kwiBafana, singahamba phambili emhlabeni. Ngibona ikusasa eliqhakazile kuyena. Kufanele abekezele, angajahi. Ngiyaziqhenya ngaye. Usebenze kanzima ukuze afike lapho ekhona."
UXoki unengcindezi yokubuya azogeza igama lakhe kubalandeli bePirates ngemva kokuthola ikhadi elibomvu koweCarling Black Label Cup. Lokhu kubhekwe ngabaningi njengembangela yokuthi eZimnyama zixetshulwe ngo 4-0. IPirates izobuyela enkundleni ngoDisemba 30, uma isivakashele iSundowns eLoftus Versfeld Stadium, emdlalweni weDStv Premiership.