ILAMONTVILLE Golden Arrows isisayinise umgadli osuka kwiMagesi FC, uMncedi Vandala, ngemuva kokuba engabuyelanga ukuyoziqeqesha naleli qembu laseLimpopo emalungiselelweni okuqala kwesizini ka-2024/25.
UVandala (29) oshaye amagoli angu-10 ngesizini edlule, ubengomunye wabadlali abaqavile kwiMagesi ngenkathi inqoba isicoco seMotsepe Foundation Championship inyukela kwiBetway Premiership.
Lo mdlali odabuka eGqeberha, e-Eastern Cape, ujoyine iMagesi ngesizini edlule esuka kwiSummerfield Dynamos edlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, elandwa nguClinton Larsen obeke wasebenza naye kuleli qembu laseChatsworth, eThekwini.
Emasontweni amabili edlule ngenkathi iMagesi ichitha abadlali abangu-12, naye uVandala ubesohlwini lwalabo abachithwayo phezu kokuba edlale kahle, nokuyikho okuqubule imibuzo.
Nokuyilapho-ke leli phephandaba libe selithola ngomthombo osondelene nomdlali ukuthi empeleni akukona ukuthi wayechithwe yiMagesi ngoba engenzanga kahle, kodwa yingenxa yokunyamalala kwakhe angabuyi ukuzoziqeqesha ukulungiselela ukuqala kwesizini.
Kwenzeka lokho nje ubeseshelwa yi-Arrows, abe eseqala ukuziqeqesha nayo, yagcina imsayinisa.
Ukusayina kwalo mdlali kuBafana Bes’thende kuqinisekiswe wuComfort “Mqo” Thusi okhulumela leli qembu laseThekwini.
“Yebo, kuyiqiniso ukuthi uMncedi Vandala usengumdlali weLamontville Golden Arrows. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu,” kushaya ngamafuphi uThusi, ekhuluma kuqhubeka imidlalo yeKZN Premier’s Cup, oLundi ngempelaosonto.
I-Arrows ikhishwe ekuseni ngaMaZulu FC emdlalweni wokuvula weKZN Premier’s ngoMgqibelo.
Phakathi kwabanye abadlali asebesayiniswe ngaBafana Bes’thende kuleli windi uMenzi Masuka osuka kwiRoyal AM, uKeenan Phillips noLwanda Mbanjwa abasuka kwiMoroka Swallows, u-Edward Maova osuka kwi-University of Pretoria, noBongani Cele osuka kwiJDR Stars.
Khonamanjalo, iRichards Bay isidedele abanye abadlali ababili.
Ngokomthombo waleli phephandaba osondelene neBay, abadlali ababili basesiswini, uNkululeko Miya noBandile Ndlovu, badedelwe yileli qembu ngoLwesihlanu.
UMiya noNdlovu, baphakathi kwabadlali abathathu, okubalwa noThabani Mthembu, abasayiniswa yiRichards Bay ngaphambi kokuqala kwesizini edlule besuka kuMsinga United edlala kwiSafa ABC Motsepe League.