UKUDLA isicoco seCarling Knockout Cup kweStellenbosch FC kwenza umdlali wayo, uDarrel Matsheke, angakuboni osekungama phakathi kwabo nephupho lokuqeda iDStv Premiership endaweni ezobanika igunya lokudlala emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo.
UMatsheke (24), oxoshwe yiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini edlule, nomqeqeshi wakhe, uSteve Barker, bebechiphiza izinyembezi esithangamini nabezindaba kulandela ukudla le ndebe ehamba nentshontsho likaR6.6 million.
Iphenathi kaMatsheke iyona eweze iStellies inqoba ngo 5-4 kulandela ukuthi umdlalo uze waya esikhathini esengeziwe zibambene ngo 1-1 ne-TS Galaxy ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lezi zinyembezi bezidalwa injabulo yaleli qembu elibunjwe eminyakeni eyisikhombisa edlule ebeliqala ukuphakamisa indebe esigabeni esikhulu ebholeni lakuleli ngemuva kokunyukela kusona ngesizini ka-2018/2019.
Kule minyaka embalwa iStellies ibunjiwe, inkolelo yayo kubadlali abancane ngokweminyaka kuyenza ihehe okufakazelwa nawukuthi isiyaqala ukukhiqiza abadlali ababizelwa kwiBafana Bafana.
Ngaphandle kwalokhu, kubadlali beStellenbosch abaxoshwe emaqenjini abo adlule njengoMatsheke, umunyu ubudalwa ukuzishaya isifuba ngokufaka isandla nokweneliseka ngokuba ingxenye yempumelelo yeqembu elibatakule bengo-ndingasithebeni.
UMatsheke esawumdlali weChiefs, ubolekiswe kwiMoroka Swallows nakuThongathi FC. Ekupheleni kwesizini edlule uzithole esiwundinga sithebeni ngemuva kokuchithwa Amakhosi.
Utshele abezindaba ukuthi ucishe waphonsa ithawula ngokudlalela iqembu lesigaba esikhulu kwazise ubese ekwamukele ukujoyina iqembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship, ngaphambi kokuthi kuqhamuke iStellies ayijoyina ngo-Okthoba.
“Okusemqoka kimina ukuzigqaja ngokufaka isandla empumelelweni yeqembu elisicoshe singenamaqembu lasihlanganisa, sabuyelwa ukuzethemba kwethu,” kusho lo mdlali.
“Ayikho into emnandi njengokufikela endaweni lapho engekho khona omkhulu kunomunye kepha enihlangene ngakho, ukusiza iqembu likhuphukele endaweni elifanele.
“Iningi lethu licishe lalahla ithemba ngokudlala esigabeni esikhulu ngoba kucaca ukuthi akwenzeki kodwa iStellenbosch ikugwemile lokho ngokusinika leli thuba.
“Ukuzimisela ngokuzikhandla into yakhona kwiStellies futhi sonke siyakuqonda lokhu ingakho impumelelo yaCarling KO ilifanele iqembu.
“Lesi sicoco kufanele sisebenzise njengomjovo ukuqinisekisa ukuthi siqeda endaweni ezosifaka emidlalweni yeCaf.
“Kuhle ngoba nakhu neNedbank Cup iyaliveza leli thuba kodwa angikuboni osekungama phambi kwethu nokuqeda endaweni yesibili noma yesithathu kwi-log,” kuphetha uMatsheke.
IStellenbosch ibalwa namaqembu akwi-Top 8 njengoba sekusele umdlalo owodwa kuqedwe umzuliswano wokuqala weDStv Premiership. Iqembu eliqeda endaweni yesibili kwi-log lidlala kwiCaf Champions League neliba ngompetha, kuthi eleqede kweyesithathu kanye nompetha beNedbank Cup badlale kwiCaf Confederation Cup.
UBarker uhambe emazwini kaMatsheke ngokutusa abadlali nabo bonke abathintekayo ekwenzeni iqembu libe ilokhu eliyikhona.
“Kungashona ilanga uma nginganibalela abantu engifisa ukubabonga ngale mpumelelo kulo mqhudelwano okumnandi nokwazi ukuthi uyaqala,” kusho uBarker.
“Konke kulele ekuvumeni ukuthi sizobeka igazi phansi sisebenze kuzona zonke izinhlaka. Uma lokhu nikwenze kahle (njengoba senzile), imiphumela yakhona kuba ilokhu esikwenzile,” kusho uBarker.