BAYAZIQATHAKELA abaqeqeshi emaqenjini esizwe ahlukene ashaye udaka kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) esingena kuvuthondaba lwe-last 16 emadolobheni ahlukene ase-Ivory Coast.
I-Afcon ka-2023/2024 iyohlale ikhunjulwa ngemiphumela eshiya abathandi nabalandeli bakanobhutshuzwayo wase-Afrika bekhexile lapho ofishi abancane badle khona abakhulu.
Yize ithakaselwa kangcono imiphumela esuke ivuna izwe elithathwa njengelincane kodwa kwelisuke lishaywa kuyilona futhi elithathwa njengelikhulu, okuvamise ukwenzeka wukuphela komsebenzi kumqeqeshi.
Sebeqalile bayaqathaka abaqeqeshi, kuphuma nezitatimende ezahlukene ngokuhlukana kwamaqembu ezizwe ashaye udaka e-Ivory Coast.
ULwesithathu luphele ingasenaye umqeqeshi iGhana, Algeria neGambia kwazise uChris Hughton, Djamel Belmadi noTom Saintfiet baxoshiwe noma basulile ngokwahlukana.
Inkundla ivulwe yiTanzania ngeledlule ngesikhathi ifaka amasondo, u-Adel Amrouche, emuva komdlalo owodwa leli qembu lesizwe elishaywe kuwona yiMorocco ngo 3-0.
I-Tanzania Football Association (TFA) ixosha umqeqeshi wase-Algeria nje, yingoba emiswe yiCaf imdlalo eyisishiyagalombili kulandela izinsolo zakhe ezichazwe njengezibucayi, abezibhekise kwiMorocco (abebezodlala nayo kuGroup F).
Ngaphambi kwalo mdlalo, u-Amrouche ukhwele wadilika kusoseshini waseMorocco (iRoyal Moroccan Football Federation) ewusola ngokuba namandla ebholeni lase-Afrika, kangangokuthi nemidlalo yayo (iMorocco) idlaliswa wonondweba abakhethwe yiyona iRMFF.
Ayikuthandanga lokhu iCaf, yamhlawulisa, okulandelwe yizembe kwiTanzania.
NgoLwesithathu ekuseni kuvele isitatimende seGhana Football Association (GFA), ebesiqinisekisa ukuxoshwa kukaHughton, emuva kokuphuma kweqembu layo lesizwe kweyamaqoqo.
IGhana ibambane neMozambique ngo 2-2 kowokusonga uGroup A obekuqeda nangethuba layo lokubalwa nabane abangcono kwabalale endaweni yesithathu.
“Ligqabukile ifindo phakathi kukaHughton neGFA kusukela (ngoLwesibili). Imininingwane ngokuzokwenzeka kusuka manje izolandela,” kusho isitatimende seGFA.
USaintfiet, owayeqeqesha iFree State Stars eNingizimu Afrika, akazange alinde ukuxoshwa yiGambia kepha uzisulele yena emva kokushaywa kweqembu lakhe yiCameroon ngo 3-2 ngoLwesibili ebusuku.
Lo mqeqeshi waseBelgium oneminyaka engu-50 ubudala, uqashwe ngo-2018.
Omunye okusobala ukuthi uphelile umsebenzi kuye, nguBelmadi, we-Algeria oyiwinise i-Afcon ngo-2019 kodwa yaphuma ekuseni kwedlule eCameroon njengoba kwenzeke okufanayo nase-Ivory Coast.
Emuva komdlalo uphelelwe ngamazwi, washiya isithangami nabezindaba okuholele ekutheni kuze kubizwe amaphoyisa ukubavimba abalandeli be-Algeria abebefuna ukumkhipha ngenkani ezindlini zokushintshela.