KWESINYE isikhathi empilweni uma ukhula uzithola sekumele wenze izinto obungalungiselwanga zona, njengokuba yisikhulumi emngcwabeni, ukwethula izindaba ezingezinhle nezinye izimo ezingathandeki.
Ngizithola ngisesimeni esifanayo ngenxa yokuthi iqembu lesizwe lebhola labesilisa, iBafana Bafana, lishaywe yiMali ngo 2-0 emdlalweni walo wokuqala ngoLwesibili we-Africa Cup of Nations (Afcon) eqale ngempelasonto e-Ivory Coast.
Ukuhlulwa kulo mdlalo kusho ukuthi iqembu likaHugo Broos kumele lizitakule emdlalweni olandelayo elizowudlala kwiGroup E ngeSonto, lizobe litholene phezulu nomakhelwane, iNamibia enqobe iTunisia ngo 1-0 kowayo umdlalo.
Ngikhulume ngokwenza izinto ezinzima. Lokhu engikwenzayo ngikufanisa nokwethula umbiko emndenini ngemuva kokuvakashela umuntu ogulela ukufa esibhedlela. Usuke wazi ukuthi isimo asisihle kodwa lisuke lisekhona ithemba uma umphefumulo usekhona futhi kubalulekile ukuthi ukudlulise lokho.
Ngifunde umbono kuleli phephandaba ngoLwesibili, ngaphambi kokuthi isizwe siphoxeke, obukhuluma ngokuthi singalilahli iqembu lethu lesizwe ungakaqali nokuqala umqhudelwano.
Lowo mbono ubungabhekisiwe kimina ngoba ithemba benginalo, ikakhulukazi emuva kokubona indlela amaqembu abengathenjiwe adlale ngayo ngesikhathi ebhekene nalawo angene ethwelwe ngeqoma.
Bengicabanga ukuthi iBafana ingalithola iphuzu noma womathathu, ilandele okwenziwe yi-Equatorial Guinea, Mozambique neCape Verde ngesikhathi edlala neNigeria, Egypt neGhana, ngokwehlukana
Okungishiye ngikhexile phakathi kwamabili ngemuva komdlalo weBafana, wukuthi nayo ibinalo lonke ithuba lokwenza okufanayo uma uwubhekisisa kahle umdlalo. Ibiwuphethe umdlalo esiwombeni sokuqala, nakuba iwenzile amaphutha ambalwa emuva, bekufanele kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngegoli noma ngaphezulu.
Nasesiwombeni sesibili, lapho iMali ikwazile ukushaya amagoli amabili elandelana eduze, iBafana ibisekhona emdlalweni kodwa umehluko wukuthi iqembu lika-Eric Chelle, likwazile ukulijezisa elakuleli ngamaphutha eliwenzile kulesi siwombe.
Manje-ke sithini? Kunzima ukunikeza abantu ithemba uma umuntu obevele egula esesesimeni esibucayi kunaleso angene esibhedlela ekusona kodwa kusuke kungaphelile ngaye. Lo mdlalo unginikeze umuzwa ofanayo nalowo enganginawo ngesikhathi iBanyana Banyana ishaywa yiSweden ngo 2-1 emdlalweni wayo wokuqala weNdebe yoMhlaba, ngonyaka odlule.
Iqembu likaDesiree Ellis kwakungafanele lihlulwe kulowo mdlalo. Yilona elashaya igoli kuqala lase livumela iSweden ukuthi ibuye, laphinde langenelwa yigoli umdlalo usuyophela. Kwakunzima ukucabanga ukuthi lisengabuya kulo mqhudelwano kodwa ithemba alibulali.
IBanyana yadlala ngokulingana ngo 2-2 ne-Argentina yase ishaya i-Italy ngo 3-2, yadlulela kwiLast 16. Ayikho into engavimba iBafana Bafana ukuthi yenze okufanayo. Umqeqeshi, uBroos, akadingi ukwenza izinguquko ezinqala eqenjini nasesitayeleni sokudlala, yize engabashintsha abadlali ababili noma abathathu.
Ushintsho olukhulu kufanele lwenzeke emiqondweni yabadlali, umqondo wabadlali, ikakhulukazi umdlali uPercy Tau, okubukeka sengathi uzithwalise ijoka lokuba ngumsindisi weqembu.
Kangimsoli kakhulu ngalokho njengomdlali onamava eqenjini, kwazise useke wadlala phesheya futhi udlalela iqembu elikhulukazi e-Afrika, i-Al Ahly yase-Egypt, elijwayele ukunqoba umqhudelwano omkhulukazi kuleli zwekazi futhi ligadulisana namaqembu amakhulu emhlabeni kwi-Fifa Club World Cup.
Okumele akufunde wukuthi uma ungumholi akudingeki ukuthi uzame ukwenza konke. Ungahola nangokufukula ozakwenu. Abadlali beBafana kumele babambisane futhi bathembane ukuze bazikhiphe kulolu bishi abazifake kulo.