IBAMBA likakaputeni weKaizer Chiefs, uGiven Msimango, lithi nakuba kubuhlungu kumele bawemukele umuzwa abangawujwayele wokuya emdlalweni weMamelodi Sundowns benganikwa lutho.
Lezi zimbangi ezinkulu ebholeni lakuleli zizobhekana namuhla ngo-7.30 kusihlwa koweDStv Premiership, eFNB Stadium.
Nakule sizini akuyihambeli kahle iChiefs njengoba isengcupheni yokuqeda ngaphandle kweTop 8 uma ibuyela ekulahleni amaphuzu.
Leli qembu lizibuyisele endaweni yesishiyagalombili kwi-log ngempelasonto edlule kulandela ukunqoba iSuperSport United ngo 2-1 ngemuva kwesikhathi eside linganqobe mdlalo nobese kulishovele endaweni yeshumi.
Ngemuva kokushaya iSuperSport, abalandeli baMakhosi bacashunwe besho sakubhuqa ukuthi kumele benze indumezulu yomcimbi ngoba abazi noma ukhona yini abasazowunqoba kule sizini. Baya koweSundowns benamaphuzu awu-33, kwewu-25.
Ngakolunye uhlangothi, ziwubuthebelele izinto kwiSundowns uma kuziwa kwiligi yakuleli nakuba isanda kuwashiswa ijezi i-Esperance Sportive de Tunis yaseTunisia kowandulela amanqamu eChampions League.
Iya kwiChiefs sekucacela wonke umuntu ukuthi seyisivikelile isicoco seligi, ezobe isikwenza okwesikhombisa kulandelana.
Iqhwakele ngamaphuzu awu-59, emidlalweni ewu-23. Ngaphambi komdlalo weChiefs ibhaxabule iTS Galaxy ngo-3-0 ngoMsombuluko.
Ekhuluma nabezindaba uMsimango ngoLwesibili ngezinhlelo zabo zomdlalo weSundowns, uthe ukunganikwa lutho ngaphambi kwawo akulisizi ngalutho iqembu.
“IChiefs yiqembu elihlonishwayo neselinqobe izinto eziningi. Ukunganikwa lutho kwayo ngaphambi kwalo mdlalo umuzwa obuhlungu, ongajwayelekile, esiwamukelayo. Siyasiqonda isimo seqembu lethu, siyaqonda nokuthi izitha zethu zikwiliphi izinga. Ayikho inkinga uma abantu bebona kuyiwa kulo mdlalo singelutho. Nokho lokho akuyishintshi indlela esiwuhlelele ngayo nesifuna ukukuzuza kuwo. Sizohlonipha ijezi leChiefs ngokuzimisela nokukhipha konke esinakho,” kuchaza uMsimango.
Unethemba lokuthi nakwiSundowns bazokwazi ukubamba umgqigqo wokunqoba.
“Senza konke okusemandleni ukungenzi izinguquko lapho zingadingeki khona. Sizama ukubamba umgqigqo endleleni yokudlala nasejimini. Kumele sigxile kokusisebenzelayo. Ukunqoba kwiSuperSport kusho ukuthi kukhona okuhle esikwenzile.”
Ngemuva kokudliwa yiRichards Bay emasontweni edlule, abadlali beChiefs bagxekwe kakhulu ngokuyeka oqekelele bamagoli.
UMsimango ofike kuMakhosi ekuqaleni kwale sizini, ephuma kwiTS Galaxy, uthe kujabulisile ukubona belilungisa leli phutha koweSuperSport.
“Empeleni emidlalweni emine edlule sakhe inqwaba yamathuba. Sidlale kahle ngaphezu kwezitha zethu. Ngebhadi sihlulwe ngamagoli. KoweSuperSport zonke izinto zivele zaqondana, sakwazi ukusebenzisa amathuba. Kube yishwa nje ukuthi singenelwe igoli. Nasemidlalweni elandelayo sizimisele ukuqhubeka nokudlala ngale ndlela,” kusho Lesi sitobha.
Nakuba kungasekho iChiefs esibheke ukukunqoba kule sizini, nokho uMsimango uveze ukuthi imidlalo emihlanu esele bazozama ukuyinqobela obenguzakwabo uLuke Fleurs. Udlule emhlabeni ekuqaleni kwenyanga edlule ngemuva kokudutshulwa, edunwa imoto eGoli.
“Kuningi osekwenzekile eqenjini. Silahlekelwe uzakwethu. Lokhu kudale imizwa ehlukene kozakwethu. Yonke imidlalo esisalele sizozama ukuyinqobela uLuke. Nakuba kweminye kungeke kwenzeke njengokufisa kwethu kodwa sizokwenza konke okusemandleni ukuqeda endaweni ehloniphekile.”.