OWAYENGUMDLALI we-Orlando Pirates, uKhethokwakhe Masuku, uxwayisa uMonnapule Saleng, ngokuthi udumo nokuthandwa ngabalandeli kungamdungi umqondo.
USaleng ushaye into ecokeme ngesizini yakhe yokuqala kwiPirates. Ukhale wemuka nomklomelo womdlali ovelele oqokwe ngabanye abadlali kwiligi, iDStv Premiership Players' Player of The Season noweMTN Last Man Standing.
Ngaphambi kokubuya ekubolekisweni kwiSwallows yiPirates, uSaleng ubengazelwa lutho ebholeni laseMzansi, ngaphandle kokuthi ubeshaya amagoli kwiFree State Stars, engaphansi kweMotsepe Foundation Championship. Kumanje uyintondakazi yabalandeli beZimnyama futhi usebalwa nabadlali abadumile eMzansi.
"Lokhu kuhambisana nendlela yokuziphatha. Kufanele afake ikhanda phansi aqhubeke nokusebenza ngoba ubekade esebenza. Ukuthandwa ngabantu akusho ukuthi uyiyona yonke into. Abanye bazokuthandela into engekho, abanye bakuthandele into ekhona. Kodwa kukuwena njengomuntu ukuthi ufuna ukwenzani. USaleng okwamanje usayibambe kahle. UnguSaleng, usazama ukuzakhela igama lakhe. Akakafiki lapho kodwa ubheke khona. Ngicabanga ukuthi uzoqhubeka nokudlala kanje nangesizini ezayo," kusho uMasuku, owayeyintandokazi yabalandeli bePirates ngenxa yomjiko.
UMasuku (37), owajoyina eZimnyama ekuqaleni kwesizini ka-2012/2013 esuka kwiBlack Leopards, wayeseqenjini lePirates elahlulwa yi-Al Ahly yase-Egypt, kowamanqamu weCaf Champions League ngo-2013 ngaphansi komqeqeshi uRoger De Sa. Kusukela lapho eZimnyama azikaze ziphinde zidlule kowandulela owamanqamu omqhudelwano. Okungcono ezikwenze kamuva e-Afrika, wukufinyelela kowamanqamu weCaf Confederation Cup, zakhala ngaphansi kwiRS Berkane yaseMorocco nyakenye.
UMasuku ukholwa wukuthi isikimu esihlanganiswe yiPirates kulokhu singayithwala size siyifake kowamanqamu weChampions League.
"Okwamanje ngingathi bahamba kahle. Benza kahle nakuba beqede endaweni yesibili ngesizini edlule. Kube yishwa nje. Kodwa bona benza kahle kakhulu. Bangafika kowamanqamu weChampions League, inqobo nje uma bengaqhubeka nokusebenza ngendlela abasebenza ngayo nsuku zonke. Babhekane nomdlalo ngamunye. Bazophumelela," kusho uMasuku.
Uqhube wathi nakuba bebaningi abadlali bePirates abangakaze bayidlale iChampions League kodwa akaboni kungaba yisithiyo endleleni yabo.
"Nathi ngaphambi kokuya kwiChampions League nePirates, sasingakaze siyidlale. Kodwa ukuvuthwa kwethu kwabonakala ngokuthi sifinyelele kowamanqamu kulandelana lapha ekhaya, ukuthi singahamba ibanga elide. Sifike kwiCaf saqhubekela phambili, safinyelela kowamanqamu. Yilowo umqondo okufanele babenawo bazitshele ukuthi bazosebenza kanzima, bazitshele ukuthi bazolilwela iqembu" kusho uMasuku, ekhuthaza abadlali.
UMasuku ugcine ukudlala kwiPSL eyibamba kwiLa Masia, engaphansi kweMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule. Uthe usazimisele ngokudlala esigabeni esiphezulu okungenani amasizini amabili.