UMQEQESHI weMorocco, uWalid Regragui, uzwe sengathi kukhona okusuka emahlombe ngesikhathi benqoba kwiTanzania ngo 3-0 emdlaweni wokuqala ka-Group F we-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoLwesithathu, eStade de San Pedro, e-Ivory Coast.
URegragui utshele abezindaba esithangamini esiqoshwe i-cafonline.com ukuthi okumethule umthwalo ngokuqala ngewini, isithunzi abafike naso kulo mqhudelwano ngenxa yabakwenze koweNdebe yoMhlaba eQatar, ngo-2022.
Ngokusho kwakhe, konke kuhambe ngendlela kwazise bebewusaba lo mdlalo ngoba bekuqonda ukuthi emlandweni imidlalo yokuqala kwi-Afcon ihlale inzima.
“Ayikho into enzima njengokuhlelela umdlalo wokuqala womqhudelwano omkhulu njenge-Afcon ngoba usuke ungakwazi ozohlangabezana nakho kuwona,” kusho uRegragui kwi-Cafonline.
“Kubanzima kakhulu uma ubalwa namaqembu okubhekwe ukuthi adle isicoco ngoba kwenza wonke (amaqembu) lawo osuke uboshelwe nawo eqoqweni abhukule uma ebhekene nawe.
“Okuhle esikwenze eQatar sekuphenduke inkinga yethu ngoba umthwalo wezitha ezibhukulayo uma sibhekene nazo uhambisana nabalandeli bethu asebehlale bebheke okukhulu kithina,” kuqhuba yena lo mqeqeshi ofake iMorocco kwenyandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba.
URegragui uzishaya isifuba ngabadlali bakhe ngokuhlala ezinhlelweni nasekuhlonipheni iTanzania eqede umdlalo ingasaphelele.
“Ukuhlangana kwabadlali kuyangenelisa. Indlela abadlale ngayo ikucacisile ukuthi bebesilalele ngesikhathi sihlelela lo mdlalo.
“Inhloso bekuwukuthola igoli ngokushesha bese sidlala ngendlela yethu kodwa singalokothi sibukele phansi iTanzania ngoba ikwi-Afcon nje, ingoba kuyifanele.
“Ukuphatha kweTanzania ibhola esiwombeni sesibili bekuyinhloso ngoba bese siwenzile owethu umsebenzi kepha bese sisalelwe ukuqeda isikhathi,” kulandisa uRegragui.
Yize bebengalindele abeMorocco kodwa kube isibusiso esifihlakele ukuba ngelinye lamazwe adlale ngasekugcineni kwemidlalo yokuqala yamaqoqo.
“Akekho owaziyo ukuthi besizokwenzenjani kwathina ukube sibe abokuqala ukudlala kodwa imiphumela ethusayo esiyibonile yenze safika kwiTanzania siwavule wonke amehlo.
“Okunye okusicacele kule midlalo ukuthi amaqembu amaningi ayakhathala esiwombeni sesibili okwenze sakuhlelela kahle thina lokho,” kuphetha uRegragui.
Umdlalo weMorocco olandelayo izowudlala neDemocratic Republic of Congo (DRC) ngeSonto.
I-DRC icazelane ngamaphuzu neZambia ibambana ngo 1-1 ngalo uLwesithathu.