KUNCIKE emlenzeni wesibili phakathi kweBanyana Banyana neNigeria ozodlalelwa eLoftus Versfeld ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku, ukuthi iNingizimu Afrika izoba nalo yini iqembu lebhola kuma-Olympic azoba seParis nonyaka.
IBanyana ibhekene nomqansa wokuthola okungenani igoli elilodwa ukuze izibuyisele emdlaweni kulandela ukunqotshwa kwayo ngo 1-0 emlenzeni wokuqala odlalelwe e-Abuja, eNigeria, ngoLwesihlanu olwedlule.
Iqembu elizobe lihamba phambili uma unompempe eseyishaya okokugcina indweba kusihlwa lizozibekisela indawo kuma-Olympic azoqala ngoJulayi.
Nakuba imidlalo yama-Olympic ithathwa kakhulu njengemidlalo okugqama kuyona ezokusubatha nezokubhukuda kodwa imidlalo yamaqembu njengebhola ingeminye yesuke ibhekwe kakhulu.
Emqhudelwaneni webhola likanobhutshuzwayo kwabesilisa kusuke kubhekwe kakhulu abadlali abasebancane, iningi labo eligcina lidlulele emaqenjini amakhulu esizwe. Kwabesifazane kuyaye kubonakale ukuthi yimaphi amazwe athuthukayo asuke ezoba yingozi kweminye imiqhudelwano emikhulu ezolandela.
INingizimu Afrika yaqala ukungena kowebhola wama-Olympic ngo-2000 eSydney, e-Australia ngeqembu labesilisa lika-Under-23. Yize lingadlulelanga kweyomkhumulajezi kodwa lisaphethe umlando wokuba yilona lodwa elanqoba umdlalo kuma-Olympic, liguqisa iBrazil ngo 3-1.
Alikwazanga ukungena emidlalweni emithathu elandelayo eyayise-Athens ngo-2004, eBeijing ngo-2008 naseLondon ngo-2012. Lize labuyela eRio ngo-2016 naseTokyo ngo-2020, lapho linganqobanga khona nowodwa umdlalo.
Elabesifazane langena okokuqala kuma-Olympic ngo-2012, laphinda nango-2016. Kuyona yomibili imiqhudelwano laphuma esigabeni samaqoqo nephuzu elilodwa.
Sekukaningi abadlali beBanyana bephawula ngobuhlungu bokungalubhadi emqhudelwaneni waseTokyo ekubeni babeyingxenye yeNdebe yoMhlaba yango-2019.
Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, uthe iqembu lakhe selikulungele ukubhekana neNigeria kulo mdlalo onguwafawafa.
“Siyazi ukuthi lo mdlalo usemqoka kangakanani futhi sifuna kube yithina abazogibela indiza ebheke kuma-Olympic. Kufanele sizinikele ngayo yonke indlela ngoba ngeke sisalithola elinye ithuba.
“Njengoba iNigeria ihamba phambili ngo 1-0 asazi izofika kulo mdlalo namuphi umqondo, yingakho kufanele silindele noma yini. Nakanjani kufanele sihlasele ngoba sidinga amagoli.
“Ngiyethemba ukuthi abalandeli bazophuma ngobuningi babo ngoba uma bekhona besigqugquzela benza umehluko omkhulu,” kusho u-Ellis.
Komunye umdlalo wokuhlungela ama-Olympic, iZambia nayo inejoka lokubuya kulandela ukunqotshwa yiMorocco ngo 2-1 emlenzeni wokuqala. Owesibili uzodlalelwa eRabat, eMorocco, ngoLwesibili ngo-10 ebusuku.
IZambia iyona yodwa eyayimele i-Afrika emqhudelwaneni webhola wabesifazane kuma-Olympic adlule ayeseTokyo ngaphambi kokuthi leli zwekazi linikezwe izikhala ezimbili.