UKHOLWA wukuthi isipiliyoni abadlali bakhe abasithole eqenjini lesizwe siholele ekutheni iqembu lakhe linqobe i-AS FAR Rabat okokuqala kwiCaf Women’s Champion’s League umqeqeshi weMamelodi Sundowns Ladies, uJerry Tshabalala.
AmaBrazilians aguqise leli qembu laseMorocco ngo 1-0 kowandulela owamanqamu e-Amadou Gon Coulibaly Stadium, e-Ivory Coast, ngoLwesithathu ebusuku. Ngalo mphumela liqinisekise ukuthi lidlala kowamanqamu alo mqhudelwano okwesithathu kulandelana.
AmaBrazilians asezodlala neSporting Casablanca yakhona eMorocco kowamanqamu e-Amadou Gon Coulibaly Stadium ngeSonto ngo-10 ebusuku.
I-Sporting ishaye i-Ampem Darkoa ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi kowandulela owamanqamu ngoLwesithathu kulandela umdlalo ophele zibambene ngo 2-2.
Bazobe bebhekana okwesibili kulo mqhudelwano kwazise bese bezwene amandla kowamaqoqo ngesonto eledlule onqotshwe yiSundowns ngo 1-0 ngegoli likaKgadiete.
Bekungokwesithathu iSundowns idlala ne-AS Far selokhu lo mqhudelwano wasungulwa ngo-2021. Kowokuqala bahlangana kowamaqoqo umdlalo waphela zibambene ngo 0-0. Nyakenye, batholane phezulu kowamanqamu, i-AS FAR yanqoba ngo 4-0, iphuca iSundowns isicoco.
Nyakenye, iqembu likaTshabalala belinabadlali abebenqobe iWomen’s Africa Cup of Nations neBanyana, u-Andile Dlamini, Thalea Smidt, Karabo Dhlamini, Bambanani Mbane, noMelinda Kgadiete.
Kulo nyaka lengeze abanye abadlali ababeseqenjini lesizwe, uLebogang Ramalepe noKholosa Biyana, ababambe elikhulu iqhaza ngesikhathi lifinyelela kwi-Last 16 eNdebeni yoMhlaba e-Australia naseNew Zealand.
“Abadlali abaqhamuka eqenjini lesizwe baletha lukhulu. Ngikusho lokho ngenxa yesipiliyoni abasithole bedlala kwiWomen’s Africa Cup of Nations. Sebejwayele ukuqhudelana nabadlali abasezingeni eliphezulu,” kusho uTshabalala.
“Nakulo mqhudelwano sibhekane nabadlali abanamava. Uma ubheka iqembu le-AS FAR, linabadlali ababalelwa ku-10 kuya ku-11 abaseqenjini lesizwe. Lokhu kusitshela ukuthi kucishe kufane nokuthi besidlala neqembu lesizwe laseMorocco. Amava abadlali beqembu lesizwe enza umehluko omkhulu eqenjini.”
UTshabalala ukholwa wukuthi ukunqoba i-AS FAR kuchitha izinkulumo ebezilokhu zivela zokuthi iyiqembu elibanika izinkinga, nakuba evumile ukuthi iyiqembu elisezingeni eliphezulu.
“Ngiyibuke yonke imidlalo ye-AS FAR futhi ngasho ukuthi emizuzwini yokuqala engu-60 iyiqembu elihle kakhulu. Banamandla, bazoza kuwe futhi ngibatshelile abadlali bethu ukuthi kuzomele siqine. Bengazi ukuthi emizuzwini engu-30 yokugcina bazoqala ukuvuleka. Yingakho sidlale ngendlela ehlukile esiwombeni sesibili. Bangene ogibeni ebesilucuphile,” uchaze kanje lo mqeqeshi.