Orlando Pirates (1) 2
AmaZulu FC (1) 1
I-ORLANDO Pirates ibuyise ithemba kubalandeli bayo ngokunqoba kuMaZulu emdlalweni weDStv Premiership wokusonga unyaka odlalwe ngoLwesine ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
UKwame Peprah nguyena ophinde waba yiqhawe leBucs ngokuyishayela amagoli amabili, kwathi elokubika ekhaya loSuthu lashaywa nguLuvuyo Memela.
Iqembu lasekhaya lize kulo mdlalo sekukhuphukile ukuzethemba kwazise linqobe kwiMarumo Gallants ngoMsombuluko kade liphoxwe yiMamelodi Sundowns ngembudlu yamagoli.
Kusheshe kwabohla lokhu kuhambela phezulu kweBucs njengoba kuhlangane uThabo Qalinge noMemela (bobabili ababedlalela iPirates), lakhala ezintanjeni igoli lokuqala ngomzuzu wesine.
Kubukeke sengathi liyayidida leli goli iPirates kodwa ngokuhamba kwesiwombe zaqala zahlangana izinto zayo sekuvela namathuba.
Kugcine kuyiholelile lokhu iPirates ngesikhathi uPeprah eshaya igoli lokulinganisa emuva kokugotshelwa kamnandi nguDeon Hotto.
Lo mdlalo iPirates ewuqale ngaphandle kukakaputeni, uHappy Jele, noPaseka Mako ngenxa yezigwebo zamakhadi nokulimala ngokwahlukana, bekumqoka ukuthi iwuwine ngoba amaphuzu amathathu yiwona kuphela abezoqinisekisa ukuthi iqeda unyaka ngaphezulu kweStellenbosch FC okuyiyona ebisemhlane weSundowns ngaphambi komdlalo.
IBucs iphumuze uNtsako Makhubela esiwombeni sesibili indawo yakhe yathathwa nguFortune Makaringe kwathi umqeqeshi waMaZulu, uBenni McCarthy, wakhipha uThembela Sikhakhane kwangena u-Augustine Mulenga.
Lo mgadli waseZambia, okube yigoli lakhe eliqede ubuqhwaga beSundowns, ungene neminyakazo ebonakalayo kodwa uPeprah ushaye igoli lesibili lePirates obese kungelesine kuyena emidlalweni emibili.
Bekufanele balubuyisele ebuhleni Usuthu oQalinge noMulenga ngomzuzu ka-61 noka-63 kodwa bayeka amathuba amahle abawatholile.
Ngokubona ukuthi amanzi ayangena endlini, ibhentshi lePirates likhiphe uBandile Shandu layivala ngoThulani Hlatshwayo indawo yakhe.
NoThembinkosi Lorch, obenomdlalo omuhle, ukhishiwe kwafakwa uTerrence Dzvukamanja ongene washaya ipali ehamba yedwa ngomzuzu ka-71 kade ekhishwe nguGoodman Mosele ngephasi.
Yize umdlalo uphele isithwele kanzima futhi iPirates kodwa kuzojabulisa kubalandeli bayo ukubonakala enkundleni okokuqala esikhathini esingangonyaka kukaZakhele Lepasa ongenele uPeprah ngemizuzu yokugcina.