USTEPHEN Mokoka, noTete Dijana, baphakathi kwabagijimi baseNingizimu Afrika, ababhekiwe kwiSanlam Cape Town Marathon nonyaka ngenxa yamagalelo abo emijahweni yamabanga amade.
Kusuka amaphepha kwiCape Town Marathon ka-2023 yebanga lika-42,2km kusasa eKapa. Lapho abagijim abangu-20 000 abaliqhamukisa emazweni ahlukene, bezodlana imilala.
Okunye okwenza umjaho ubhekwe ngabomvu wukuthi abagijimi abazokwenza isikhathi esingu-2:08 nangaphansi, bazozibeka ethubeni eliyingqayizivele lokuzibekisela indawo kuma-Olympic Games, azokuba ngonyaka ozayo eFrance.
UMokoka (38), osemnkantshubomvu emijahweni yamabanga amade uzovikela isicoco nonyaka kwiCape Town Marathon, asinqoba nyakenye ngesikhathi esingu-2:10:01.
Bekungokwesithathu uMokoka edla umhlanganiso kwiCape Town Marathon, kwathi ngo-2018 waqopha irekhodi lalo mjaho lesikhathi esingu-2:08:31 elingakaphulwa ngumuntu namanje.
Le nsephe yomgijimi edabuka eMahikeng, eNorth-West, iza kulo mjaho nje ngoFebhuwari, ilale isihlanu kwi-Osaka Marathon yebanga lika-42km, lapho ishaye khona isikhathi esingu-2:06:42.
Omunye umgijimi waseNingizimu Afrika, obhekiwe kulo mjaho, nguDijana ongumpetha weComrades Marathon, aseyinqobe amahlandla amabili iminyaka ilandelana ngo-2022, nakulo nyaka.
UDijana ongumkhaya kaMokoka, uzobe egijima okokuqala kwiCape Town Marathon, kodwa kubhekwe ngabomvu ukuthi akhiphe amangwevu njengoba amangaza abaningi ngoFebhuwari, ephula irekhodi likaMokoka lika-2:40:13, kwiNedbank Runified Breaking Barriers yebanga lika-50km, eshaya isikhathi esingu-2:39:04.
Lokhu wakwenza ngaphambi kokuthi enze ezibukwayo kwiComrades Marathon ayinqoba ngoJuni, kusukwa eMgungundlovu kuyiwa eThekwini, ngesikhathi esingu-5:13:58.
Ngaphandle kukaMokoka noDijana, abanye abagijimi ababhekiwe kwiCape Town Marathon nonyaka, u-Elory Gelant, uRaymond Choge, uBayelign Teshager, uJoshua Kogo noHaile Zewdu, ukubala abambalwa.
Kwabesifazane kubhekwe uTigist Assefa wase-Ethopia, noSifan Hassam waseNetherlands. Bobabili abagijimi besifazane basanda kwenza izikhathi ezinzima kwiBerlin Marathon ngenyanga edlule.
U-Assefa wenze u-2:11, uHassam wenza u-2:13, okungamarekhodi omhlaba kwabesifazane. Ngaphandle kwabo, bakhona abanye abagijimi besifazane ababhekiwe, okunguTsiege Haileslase, uMelesech Tsegaye noLydia Simiyu.