AMEHLO athe njo kumgadli weBafana Bafana, uLebogang Mothiba, osanda kuhlukana neqembu abelidlalela laseFrance, iRC Strasbourg.
Inkontileka yalo mdlali izophela ngoJuni 30 kanti iqembu seliqinisekisile ekhasini lalo laku-Twitter ukuthi ngeke isavuselelwa.
UMothiba (28) usehlale iminyaka engu-10 eFrance. Wafika khona ngo-2014 ngesikhathi esayiniswa yiLille eseneminyaka engu-18. Leli qembu lambona egijima kwiDiambars Football Academy eGoli.
Wahlala amasizini amabili alandelayo neqembu elincane layo ngaphambi kokusayina inkontileka yakhe yokuqala neqembu elikhulu. Maphakathi nesizini ka-2016/17 wabolekiswa kwiValenciennes, eyayidlala esigabeni sesibili sebhola laseFrance.
Wabuyela kwiLille maphakathi nesizini ka-2017/18 kwathi ngo-Agasti 2018 wadayiselwa iStrasbourg. Azimhambelanga kahle izinto ngesikhathi efika eqenjini lakhe elisha kwazise wahlushwa wukulimala waphinde waphazanyiswa ukumiswa kwemidlalo ngenxa yobhubhane i-Covid 19.
NgoJanuwari 2022 uphinde wabolekiswa kwelinye iqembu laseFrance, iTroyes, kwaze kwaphela isizini.
Ube esebuyela kwiStrasbourg lapho edlale khona kwaze kwaba ulimala edolweni bebhekene ne- FC Lorient ngoDisemba nyakenye.
Kwadingeka ukuthi ahlinzwe waphinde wahoxa eqenjini leBafana elidlale kwi-Africa Cup of Nations ebise-Ivory Coast kusukela ngoJanuwari kuya kuFebhuwari.
Kule sikhathi asihlale kwiStrasbourg ushaye amagoli angu-20 emidlalweni engu-96 emiqhudelwaneni ehlukene.
Ngaphambi kokujoyina iDiambars wadlala enkulisa yeMamelodi Sundowns esengumfanyana. Ngesikhathi esekhempini yeBafana nyakenye walibeka ngembaba elokuthi amaBrazilian yilona kuphela iqembu lakuleli angalidlalela uma kungenzeka abuyele eNingizimu Afrika.
“Inhloso wukuthi uma ngiqeda ukudlala ibhola ngibuyele eNingizimu Afrika ngizohlala lapha. Okwamanje ngisabheke ukuqhubeka nokudlala e-Europe. Angikaze ngikucabange ukubuya ngizodlala lapha ekhaya, kodwa kungenzeka noma yini empilweni,” uMothiba wachaza kanje ngoSepthemba nyakenye.
“Ngangidlalela iSundowns ngaphambi kokuthi ngiye kwiDiambars. Ngaqala ngiyisitobha ngashintsha ngayodlala phambili. Bekuyiqembu lami kusukela ngisemncane futhi ngiyayilandela noma ngiphesheya.”
Njengoba wonke amaqembu evumelekile ukuthi axoxe naye kungenzeka ukuthi aphinde athathwe ngelinye laphesheya noma agcine ebuyele kuleli.
Igxathu lakhe elilandelayo lizoba nomthelela ekubuyeleni kwakhe eqenjini lesizwe njengoba limatasatasa nemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
UMothiba udlale okokuqala kuBafana Bafana ngo-2018 kanti useshaye amagoli amane emidlalweni engu-14 kuleli qembu lesizwe.