ISUPERSPORT United isisishiyele kumqeqeshi, uGavin Hunt, isinqumo ngekusasa labagadli bayo abaphambili, uThamsanqa Gabuza noBradley Grobler, abaphelelwa yizinkontileka ekupheleni kwesizini ka-2022/2023.
Lokhu kudalulwe yisikhulu esiphezulu seqembu, uStanley Matthews, engxoxweni naleli phephandaba. Amatsatsantsa asanda kudayisa unozinti obesehlale isikhathi eside kuwona, uRonwen Williams, kwiMamelodi Sundowns njengoba sekuvela ukuthi angase ahlukane noGabuza noGrobler uma uHunt engagculisekile ngabo.
UGrobler (34) uvuselele inkontileka yakhe ngeminyaka emibili nyakenye emuva kokudla umklomelo wamagoli kwiDStv Premiership, iLesley Manyathela Golden Boot Award. Ubeshaye inethi amahlandla angu-16. Bekunezinkulumo zokuthi ufunwa yi-Orlando Pirates futhi iSuperSport izomdedela ngoba ixakwa yiholo lakhe elikhulu. UGabuza (35), owayedlalela iPirates, uvuselele inkontileka yakhe ngonyaka ekuqaleni kwesizini. Bekusabalele ukuthi ufunwa ngaMaZulu FC.
"UGabuza uzoba nathi kuze kuphele isizini. Emuva kwalokho sizobona. Kufanele ukuqonde ukuthi uBradley noGabuza babheke ku-36 weminyaka yobudala ngakho kufanele sibhekisise. Asikwazi ukuvele sibanike izinkontileka ezinde kule minyaka abanayo nakuba bethembekile eqenjini. Ngisho inkontileka yalo nyaka yindlela encane yokuthi sininika unyaka ngaphezulu ngoba nisisebenzele kahle. UBradley ubengadlali cishe isizini yonke edlule, uGabuza wasithwala yedwa," kusho uMatthews.
"Uyazikhandla, unomoya omuhle futhi ubuyena buyagqugquzela. Ngibone kufanele ukuthi simgcine ukuze abadlali abancane, oMaziko (Sibusiso), bezofunda ukuthi kuyini ukuba ngumgadli, ukugijima, amandla, indlela yokungena ezikhaleni oyidingayo nokudlulisa amabhola uGabuza akwenzayo. Asikawuvali umnyango kuyena. Uma uGabuza ewushaya umsebenzi, uGavin efuna ukumgcina omunye unyaka noma kanjani sizokubheka lokho. Yisimo esifanayo nakuBradley. Usehlale kithina isikhathi eside. Ulimala njalo. Ngesikhathi sibhekene neSwallows, uphaselwe ibhola kodwa imilenze yangavuma afike kulona. Kodwa uyawenza umehluko uma umnika imizuzu engu-60 noma engu-30. Uzodlulisela ulwazi kubadlali abasebancane. Ungumuntu ongabuya ezosebenza nabadlali abasebancane, ezoba ngumqeqeshi wabagadli."
UHunt ubuyele kwiSuperSport ngoJulayi emuva kokuxoshwa kukaKaitano Tembo. Embhidlangweni wakhe wokubuyisela iSuperSport esicongweni egcine ukuwina ngaye iligi ngo-2010, unikezwe inkululeko yokubumba iqembu ngendlela afisa ngayo. Lokho kuhlanganisa nokunyusa abadlali abasebancane abayibamba kwiDStv Diski Challenge.
"Kusazodlalwa izinyanga eziyisithupha. Kuningi okusazokwenzeka. UBradley usevele unamagoli ayisithupha ngakho uma eshaya amanye ayisihlanu noma ayisithupha ngingamdedela kanjani? Ngeke ngikwenze lokho. Ngakho sizosibheka isimo sikaBradley noGabuza kanye nesikaBash (Onismor Bhasera) okungenzeka awaphanyeke emgibeni amakhokho ekupheleni kwesizini, ngaphandle uma ezizwa sengathi usengadlala enye isizini yokugcina," kusho uMatthews.