KUBATSHAZWA ubuhlakani bomqeqeshi waseTunisia okuvela ukuthi uzohlangana neKaizer Chiefs namuhla ngenhloso yokuqala izingxoxo ngesikhundla senhloko yabaqeqeshi.
Isolezwe lithole ukuthi uNasreddine Nabi (57) waseTunisia, oteketiswa ngelika-Professor, utheleke kuleli izolo ukuzohlangana nezikhulu zaMaKhosi.
Izindaba zokuthi ufunwa uthuli yiChiefs ziqale ukuvela ezinsukwini ezedlule ngeminye imithombo yabezindaba.
Empeleni kuthiwa bekumele ziqale emasontweni amabili edlule. Zibanjezelwe wukuthi ubematasa kakhulu njengoba iqembu lakhe. iYoung Africans (Yanga) yaseTanzania, belidlala eyamanqamu.
Lo mqeqeshi uzifake ezinhliziyweni zabanikazi beChiefs ngokunqobisa iYanga izinkomishi eziyisithupha selokhu efike kuyo ngo-Ephreli wango-2021.
Kube ngezimbili zeTanzanian Premier League, Tanzanian Community Shield Cup neze-Azam Sports Confederation Cup.
Kwisizini esanda kusongwa uphinde wahola iqembu lakhe ukufinyilela kowamanqamu e-Caf Confederation Cup.
Sekungumlando ukuthi iYanga igcine ishaywe yi-USM Alger yase-Algeria kowamanqamu. Ngokuthola kwaleli phephandaba nakuba iphela inkontileka kaNabi neYanga kodwa kuvela ukuthi kunombandela wokuthi ivuselelwe ngesizini eyodwa.
Ngokusho komthombo osondelene nalo mqeqeshi oke wacija i-Al-Ahly SC yaseLibya ne-Al-Merrikh yaseSudan, okwenza aqine amathuba okuthi iChiefs igcine imtholile wukuthi kade kwasa ephupha ngokuzosebenza eNingizimi Afrika. Kuthiwa uyayithanda inhlobo yebhola lalapha.
Lo mthombo ube sewuveza ukuthi iChiefs izobe iziyekele yona, uNabi uwumqeqeshi wezinga eliphezulu.
"Ngaphandle kokuthi uNabi une-Uefa Pro Licence, uwumqeqeshi okumnandi nokulula ukusebenza naye. Okwenze waphumelela kwiYanga ukuthi wachazelwa kahle ngokufunwa abaphathi bayo. Kuyishwa nje ukuthi uyahamba, kunezinto obekusabhekwe ukuthi azinqobe.
“Uwumqeqeshi okhuthele, ohlale ecabanga ngomsebenzi. Bheka nje kulesi sikhashana efikile, uyishovele phansi iSimba ebisikhonye isikhathi eside eTanzania.
"Efika nje iYanga uyinqobele izinkomishi eziyisithupha. Okukhulu kunakho konke uqophe umlando ngokuthi kube neqembu lokuqala laseTanzania ukufinyelela kowamanqamu omqhudelwano we-Caf. Mhlawumbe okungenza agcine engayanga kwiChiefs kungaba ukungavumelani ngemali kodwa engikwaziyo uyathanda ukusebenza eNingizimu Afrika," kubeka umthombo.
Uqhube wathi izikhulu zeChiefs ziyakholelwa ekutheni angaliqeda ishobolo layo lokuhlulwa yizinkomishi.
Kuthintwa uHaji Arafat oyiphini mengameli kwiYanga, uthe: "Nathi siyizwa kwabezindaba eyokuthi uNabi ufunwa yiChiefs. Sisazohlala phansi naye sibonisane ukuthi eyombandela wokuvuselelwa kwenkontileka yakhe siyimisa kanjani".
IChiefs yagcina ukuphakamisa inkomishi ngesizini ka-2014/15 kusaqeqesha uStuart Baxter.
Bahluleke bancama abaqeqeshi abayisithupha ebaqashe ngemuva kwakhe.
Kulesi sibalo kukhona no-Arthur Zwane, isizini esongiwe obekungeyokuqala ekulesi sikhundla ngokugcwele.
Kwisizini yakhe yokuqala uhluleke ngisho ukufaka iqembu kwi-Caf Confederation Cup. Liqede endaweni yesihlanu kwi-DStv Premiership.
Ngokusho komthombo uma uNabi egcina ngokusayina kwiChiefs, kungenzeka uZwane ashovelwe phansi kwizinkulisa noma anikwe omunye umsebenzi.
Kukhona nemibiko ethi elinye lamaphini eYanga selibatshelile abanikazi beqembu ukuthi alibuyi ngesizini ezayo. Lokhu sekuqubule izinsolo ezithi lizosebenza noNabi kwiChiefs.
Leli phephandaba libuye lathola ukuthi leli qembu laseTanzania seliqalile ukuthungatha umqeqeshi ozovala isikhala sikaNabi.
Kuvela negama likaRuud Krol, owake waqeqesha i-Orlando Pirates. Abanye abake bacija eZimnyama baphinde baya kwiYanga, uKosta Papic noMilutin "Micho" Sredojevic baseSerbia. Kukhona noLuc Eymael waseBelgium oke wacija afana nePolokwane City, Free State Stars neBkack Leopards.
Imenenja yeChiefs, uBobby Motaung, ithintiwe kodwa yangatholakala ocingweni. Nemiyalezo abethunyelwe yona izolo kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.