ISIKHONDLAKHONDLA sesiteshi sikamabanakude sezemidlalo e-Afrika, iSuperSport, sesikuqede konke ukuqagela ngokusakwaza kwemidlalo yeBetway Premiership yesizini ka-2024/25.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe ngabeSuperSport ngoLwesihlanu, baveze ukuthi yonke imidlalo engu-240 yeBetway Premiership bazoyisakaza bukhoma.
"I-New Football Season (okuyisiqubulo sangesizini ezayo seSuperSport) izolethela abalandeli bebhola nababukeli ngokunjalo inkendlane yemidlalo ehlabahlosile efaka phakathi abaxhasi abasha beligi, iBetway.
ISuperSport izoqhubeka nokulethela ababukeli ukuhlaziywa kwemidlalo okusezingeni eliphezulu okuzokwethulwa yizingqwayingqwayi zabahlaziyi nezinkaka, okuzohambisana nohlelo lwaphakathi nesonto," kusho isitatimende.
Oyisikhulu esiphezulu seSuperSport, uRendani Ramovha, uthe: "Njengomsakazeli womphakathi, le yindaba emnandi ukuyixoxa. IPremier Soccer League isiphinde yakhombisa ukuba yiligi esezingeni eliphezulu emhlabeni, ngokubambisana neBetway.
“Ngakho siyaziqhenya ngokuqhubeka nokusakaza ezemidlalo ezwenikazini. Ngokubambisana nePSL, iBetway nabanye abaxhasi bePSL, sisazoqhubeka nokusakaza imidlalo ngempumelelo."
Ngesonto eledlule, usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, wethule ngokusemthethweni abaxhasi abasha bePSL, bakwaBetway okuyibona asebezoba ngabaxhasi bale ligi yebhola elikholelayo kuleli, abasayine inkontileka yeminyaka yemithathu yokuxhasa ngesamba esilinganiselwa ku-R900 million.
Ngakho ukumemezela kweSuperSport ukuqhubeka kwayo nokusakaza imidlalo yePremiership ngesizini ezokwethwasa, kuqede ixhala ebesilaqala ukubakhona kwabanye abathandi bebhola baseMzansi ngokuthi ngabe iSuperSport engaphansi kweMultiChoice, izoqhubeka yini nokusakaza imidlalo yePremiership kulandela ukushenxa kwabalingani bayo iDStv ekubeni ngabaxhasi.
Isizini ka-2024/25 yePremiership izoqala ngo-Agasti 14, kodwa izokwandulelwa ngumqhudelwano weMTN 8 wona ozoqala kule mpelasonto.