YIZE umdlalo wanamuhla phakathi kweBanyana Banyana ungeke unqume ukuthi yiliphi iqembu elimela izwekazi i-Afrika kuma-Olympics azodlalelwa eParis, eFrance, nonyaka, womabili amaqembu awuthatha njengomqoka.
IBanyana neSuper Falcons bazogadulisana emlenzeni wokuqala womzuliswano wokugcina wokuhlungela ama-Olympics ozoqala ngo-6 ntambama eMKO Abiola Stadium e-Abuja.
Uzolandelwa owesibili ozodlalelwa eLoftus Versfeld, ePitoli, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Womabili la maqembu aqale ukudlala imidlalo yokuhlunga emzuliswaneni wesibili ngenxa yokukleliswa phezulu e-Afrika.
IBanyana yanqoba iDemoratic Republic of Congo ngo 3-1 uma kuhlanganiswa imilenze emibili, yadlula ngo 4-0 kwiTanzania emzuliswaneni wesithathu ukuze ifinyelele kule sigaba.
ISuper Falcons yabhaxabula i-Ethiopia ngo 5-1 emzuliswaneni wesibili, yadlula kunzima ngo 1-0 kwiCameroon kowesithathu.
Iqembu lakuleli lisangene kabili emiqhudelwaneni yama-Olympics, eLondon ngo-2012 naseRio ngo-2016.
INigeria isifinyelele kulo mqhudelwano amahlandla amathathu, eSydney ngo-2000, e-Athens ngo-2004 naseBeijing ngo-2008.
Umdlali wasesiswini weBanyana, u-Amogelang Motau, ogijima kwi-University of Western Province kwiligi yasekhaya, iHollywoodbets Super League, ubona ama-Olympic engomunye wemiqhudelwano emqoka njengeNdebe yoMhlaba neWomen’s Africa Cup of Nations lapho abadlali bengazakhela khona amagama.
“Kulinyuse kakhulu izinga ekhempini ukufika kozakwethu abazinze phesheya, ikakhulukazi njengoba bephinde babe ngabadlali abanesipiliyoni esithe xaxa. Bayakwazi ukuseluleka futhi basixwayise ngalokho okufanele sikulindele emidlalweni yalolu hlobo,” kusho uMotau.
“Iqembu lethu selithuthuke kakhulu eminyakeni edlule. Ngingathanda ukuba yingxenye yeqembu elizibekisela indawo kuma-Olympics. Kungaba yithuba eliyingqayizivele, ikakhulukazi kubadlali abadlala kwiligi yasekhaya abangathola ithuba lokuzibonakalisa.”
Umqeqeshi weNigeria, uRandy Waldrum, uthe uyazi ukuthi ayihlali kahle kubalandeli beNigeria eyokuthi iSuper Falcons ihlulekile ukungena kuma-Olympic ango-2012, 2016 nango-2020.
Ubona ukuthi lokho ngezinye zezinto ezizogqugquzela iqembu lakhe kule midlalo emibili enzima elizoyidlala neBanyana.
“Asikho isidingo sokuthi ngibachazele abadlali ngobumqoka bale midlalo ngoba bazi kamhlophe ukuthi yikuphi okufanele sikwenze. Sonke siyazi ukuthi seside kangakanani isikhathi sagcina ukungena kuma-Olympic,” kusho uWaldrum kwi-video esekhasini leSuper Falcons enkundleni yokuxhumana i-X.
“INingizimu Afrika ineqembu elihle kakhulu. Ingompetha base-Afrika, ngakho kufanele siyihloniphe. Inabadlali abayingozi phambili futhi umqeqeshi ulihlela kahle iqembu. Noma kunjalo, ngiyalithanda neqembu lethu futhi ngiyabethemba abadlali bami. Akufanele sizikhathaze kakhulu ngokuzokwenziwa yizitha kodwa kufanele sigxile ezinhlelweni zethu.”
Nakuba umlando uvuna iNigeria uma kubhekwa yonke imidlalo eseyadlalwa yila maqembu womabili kodwa okuzokhuthaza iBanyana wukuthi iyona ekhonyile emidlalweni yakamuva.
Inqwaba yabadlali abaseqenjini likaDesiree Ellis elise-Abuja babekhona ngesikhathi liguqisa iSuper Falcons ngo 4-2 kwi-Aisha Buhari Cup eLagos ngo-2021.
Babekhona ngesikhathi iqembu linqoba iNigeria ngo 2-1 kowamaqoqo eWomen’s Africa Cup of Nations eMorocco ngo-2022, ngaphambi kokudla isicoco.
IBanyana neNigeria bahlangana okokuqala ngoMashi 1995 kulandela ukusungulwa kweqembu lakuleli lesizwe labesifazane ngo-1993.
Batholana phezulu emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eyadlalelwa eSweden ngo-1995. INigeria yazidlulela kalula ngo 11-2 ngenxa yokunqoba umlenze wokuqala e-Ibadan ngo 4-1, nowesibili eGoli ngo 7-1.
IBanyana yanqoba iNigeria okokuqala ngqa ngoNovemba 2012, iyihlula ngo 1-0 emdlalweni owandulela owamanqamu e-Women’s Africa Cup of Nations eyayibanjelwe e-Equatorial Guinea. Igoli elasiza iBanyana ukuthi iqophe umlando lavalelwa nguJanine van Wyk.