ABEMATASATASA amaqembu akuleli esizwe ekhilikithi ngo-2023 ngenxa yemiqhudelwano yeNdebe yoMhlaba yabesifazane nowabesilisa. Namaqembu adlala emiqhudelwaneni yasekhaya aqhubekile nokubanga izicoco ezahlukene yabesifazane nabesilisa.
Bekuwunyaka olethe imizwa ehlukene njengoba amanye amaqembu enze okungaphezulu kwalokho obekulindelekile kodwa waphinde waba muncu ngasekugcineni njengoba elesizwe labesilisa liphinde labona imizamo yalo yokudla isicoco seNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa iphelela emoyeni.
I-ICC Under-19 Women’s T20 World Cup:
Unyaka uqale nge-ICC Under-19 Women’s T20 World Cup edlalelwe eNingizimu Afrika kusukela ngoJanuwari lapho bekuqhudelana amaqembu angu-16.
Elakuleli laqeda endaweni yesibili kuGroup D esigabeni sokuqala samaqoqo kulandela ukunqoba iScotland ne-United Arab Emirates, lashaywa yi-India. Esigabeni sesibili samaqoqo laguqisa iBangladesh neSri Lanka, laba ngelinye lamaqembu amane eqoqweni aqeda enamaphuzu ayisithupha. Nokho alizange lidlulele kowandulela owamanqamu ngenxa yokuba nesibalo esincane sama-run.
Umqhudelwano wagcina unqotshwe yi-India, ishaya i-England ngamawikhethi ayisikhombisa.
Yize iqembu lakuleli laba neshwa lokukhishwa ngenxa yesibalo sama-run, lakhombisa kulo mqhudelwano ukuthi kunenqwaba yabadlali abancane abanekhono njengoKayla Reyneke, Simone Lourens, Madison Landsman, Ayanda Hlubi, Seshnie Naidu nabanye. Abanye babo sebebizelwe eqenjini lesizwe elikhulu.
I-ICC Women’s Cricket World Cup T20:
I-ICC Women’s T20 World Cup nayo yayibanjelwe kuleli ngoFebhuwari, kuqhathwe amazwe angu-10 ahamba phambili emhlabeni.
AmaProteas aqeda endaweni yesibili esigabeni samaqoqo ngemuva kokuqumba phansi iNew Zealand neBangladesh, abe eseshaywa yiSri Lanka ne-Australia.
Adlulela kowandulela owamanqamu afike awashisa khona i-England ijezi, eyihlula ngamawikhethi ayisithupha. Yize aphinde alwa kowamanqamu kodwa agcina egobe uphondo, enqotshwa yi-Australia ngama-run angu-19.
Leli qembu laqopha umlando ngokuba yiqembu lesizwe elikhulu lokuqala lakuleli ukufinyelela kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba. Yize abadlali abehlukene benza kahle emidlalweni eyahlukene, bakhona abagqama kakhulu njengoLaura Wolvaardt, Tasmin Brits, Nonkululeko Mlaba, Marizanne Kapp nabanye abasewumgogodla waleli qembu.
I-ICC Men’s Cricket World Cup:
I-ICC Men’s Cricket World Cup ibibanjelwe e-India kusukela ngo-Okthoba kuze kube ngoNovemba, indebe ibangwa amaqembu angu-10.
AmaProteas aqede endaweni yesibili kwi-log esigabeni samaqoqo lapho anqobe khona imidlalo eyisikhombisa, ahlulwa kwemibili. Kuthe abalandeli bakuleli sebenethemba lokuthi leli qembu lizoqeda ishobolo lokubuya lilengise izandla emiqhudelwaneni yeNdebe yoMhlaba, laphinde laphoxa. Kulokhu lishaywe yi-Australia ngamawikhethi amathathu kowandulela owamanqamu.
I-Australia igcine ingompetha iguqisa osokhaya, i-India, ngamawikhethi ayisithupha kowamanqamu.
AmaProteas aphinde agxekwa abalandeli ngokuhluleka ukumelana nengcindezi yokudlala eyomkhumulajezi eNdebeni yoMhlaba. Kuvele nemibuzo ngobuholi bukaTemba Bavuma kwazise uhlulekile wukushaya ama-run amaningi kulo mqhudelwano, waphinde wathatha nezinqumo ezingahlalanga kahle ngesikhathi ehola enkundleni.
Imiqhudelwano yasekhaya:
Iqembu laKwaZulu-Natal, iHollywoodbets Dolphins, libe ngompetha beCSA 4-Day Challenge yabesilisa ngokuqoqa amaphuzu amaningi esigabeni samaqoqo. IWestern Province idle isicoco seCSA ODI Cup yabesilisa ngokushaya iNorth West kowamanqamu.
Ibingekho iCSA T20 Challenge yabesilisa kulo nyaka kodwa kudlalwe omunye umqhudelwano omkhulu, iSA20. Lo mncintiswano udlalwe ngamaqembu ayisithupha ahlanganise abadlali abahamba phambili bakuleli nabakwamanye amazwe. ISunrisers Eastern Cape iyona eyadla umhlanganiso igoba iPretoria Capitals kowamanqamu
I-CSA One-Day Cup yabesifazane inqotshwe yiWestern Province kwathi ompetha be-CSA Women’s T20 Challenge kwaba yiCentral Gauteng.
Ngo-Agasti i-Cricket South Africa yamemezela ukwethulwa kohlelo olusha lwekhilikithi yabesifazane ekhokhelayo. Kusukela ngesizini ka-2023/24, esiqalile, amaqembu abesifazane adlala esigabeni esiphezulu asenabadlali okungenani abangu-11 abanezinkontileka ezikhokhayo ezikwatini zawo.