UMDLALI wasesisiwni kwiMoroka Swallows, uLindokuhle “Ma11” Mtshali, uthi yize bekuyisifiso sabo ukuhamba ibanga emqhudelwaneni womkhumulajezi iNedbank Cup kodwa osekubalulekile kubona njengamanje wukulwela ukusuka esishozini sezembe.
ISwallows ikhishwe yi-University of Pretoria kwiNedbank Cup Last 16 ngeledlule iyiguqisa ngo 2-1.
Ikhishwa kwiNedbank nje, izinto aziyihambeli kahle nasemidlalweni yeDStv Premiership, njengoba emdlalweni owandulela oweLast 16 yeNedbank Cup beyibuya esibhaxwini sika 4-1 ebisithole kwiSekhukhune United.
“Njengoba ngesizini edlule saphuma ekuseni kwiLast 32 (bekhishwa yiStellenbosch FC) kule sizini besizimisele ngokuhamba ibanga kwiNedbank Cup kodwa-ke akwangenzeka ngendlela ebesifisa ngayo.
“Njengoba sesiphumile, lokho sekusho ukugxila ngokuphelele emidlalweni yeligi ukuze sikwazi ukusuka kule ndawo esikuyona njengamanje kwi-log.
“Yize imidlalo esisalele ingelula uma ubheka ukuthi sisazodlala namaqembu anjengoCape Town Spurs, Pirates neSundowns, kodwa sizimisele ngokulwa kuze kube sekugcineni.
“Wonke umdlali oseqenjini uyakuqonda ukubaluleka kokuthi iqembu lihlale kwiDStv Premiership,” kusho uMtshali odabuka KwaMaphumulo.
“Okusiqinisa idolo wukuthi nangesizini edlule besibhekene nesimo esifanayo, sakwazi ukubuya namaphuzu, sagcina sikwazile nokungena kwiTop 8.
Imidlalo eyishumi miningi, sizokwazi ukubuya nawo amaphuzu, futhi-ke sisazodlala namanye ala maqembu esilwa nawo ekubalekeleni izembe.
Leli khefu leFifa ngikholwa wukuthi lifike ngesikhathi esifanele njengoba selisinike nesikhathi esanele sokulungisa amaphutha ukuze kuthi siqambe siya emdlalweni wethu olandelayo sibe sesimi ngomumo.”
ISwallows okumanje isendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-20, yehlukaniswe ngamaphuzu ayisikhombisa neRichards Bay FC esendaweni ka-15 ngamaphuzu angu-14, kube yiSpurs esemsileni ngamaphuzu angu-12 emidlalweni elinganayo.
IZinyoni zizobuyela ensimini ngomdlalo obukeka ungonzima neSpurs kowePremiership, ngoMashi 31, e-Athlone Stadium, eKapa.
I-Urban Warriors ibukeka ivukile emaqandeni muva nje, futhi kuyacaca ukuthi izimisele ngempela ngokulivika izembe njengoba emidlalweni emine edlule yePremiership inqobe emibili yadlala ngokulingana emibili.