KUKHULU asakulindele kubagadli bakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, athe basebenze ngokuzikhandla bebhekene neMamelodi Sundowns koweDStv Premiership ngempelasonto edlule.
USouaibou Marou udlale umdlalo wakhe wokuqala weligi kweZimnyama ngesikhathi engena esiwombeni sesibili kulo mdlalo ophele zibambene ngo 1-1 ngoMgqibelo ebusuku.
Lo mgadli waseCameroon ufike kuleli qembu ngoJanuwari nyakenye, esuka eqenjini lasezweni lakhe, iCoton Sport.
Wayeyingxenye yeqembu le-Indomitable Lions elaqokelwa iNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar, nakuba engazange adlale kulowo mqhudelwano. Ngesizini, edlule ubonakale emidlalweni emihlanu yeligi, wangashaya igoli.
Akadlalanga nasemzuliswaneni wokuqala kule sizini lapho ebebanga khona ijezi no-Zakhele Lepasa, Evidence Makgopa no-Eva Nga, osanda kudedelwa.
“Sinabadlali abaningi ababanga indawo eyodwa eqenjini elidlala ngomgadli oyedwa. Mancane amathuba okuthi bazibonakalise emdlalweni yize ngikwazi ukubabona ejimini phakathi nesonto. Kulo mdlalo uMarou uthole ithuba lokuzibonakalisa ukuthi ungumdlali, esimweni esifana nalesi. Bekungewona umdlalo olula njengoba besishoda enkundleni,” kusho uRiveiro.
“Unezimpawu ezithokozisayo futhi usebenza kanzima. Indlela asebenza ngayo iyamangalisa futhi ngiyajabula ukuthi ulitholile ithuba lokudlala, wafaka isandla ekusizeni iqembu lithole iphuzu.”
Khonamanjalo: URiveiro ukholwa wukuthi ukudlala kukaMakgopa kwiBafana eqede endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations, kuzomsiza ukuthi abe ngumdlali ongcono kakhulu.
“Ngikholwa wukuthi isipiliyoni sizomsiza. Angikusho lokhu ngoba kukhona umehluko engiwubonile kodwa nginesiqiniseko sokuthi akaseyena umdlali ofanayo. Ubesemqhudelwaneni osezingeni eliphezulu, eqhudelana nabadlali abadlala emaqenjini aphezulu e-Europe,” kusho lo mqeqeshi.
“Uhlale amasonto ayisikhombisa ekhempini nozakwabo beqembu lesizwe. Lokho kusho ukuthi ubesondelele nabanye abadlali abavelele. Konke lokhu kuzokwenza umehluko omkhulu emdlalweni wakhe.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi ugcine elitholile ithuba lokwenza ebesikulindele kuyena selokhu asayina kwiPirates. Ngonyaka odlule, ngenxa yezizathu eziningi, ubengalitholi leli thuba.
“Akukhona ukuthi ubengazami kodwa njengoba sengichazile, ubengalitholi ithuba elifana nalaba abanga nabo indawo eqenjini. Manje sekuyisikhathi sakhe futhi ngicabanga ukuthi usisebenzisa kahle.”
UMakgopa useshaye amagoli amane emidlalweni engu-14 yeligi kule sizini. Umgadli osahamba phambili kwezikaMagebhula nguLepasa, onamagoli amathathu kwiligi, amane kwi-MTN 8 namanye amathathu emidlalweni yokuhlungela iCaf Champions League.
Omunye okubhekwe ukuthi andise amagoli eqenjini likaRiveiro uTshegofatso Mabasa osanda kubuya. Lo mgadli ushaye amagoli ayisithupha ngesikhathi ebolekiswe kwiMoroka Swallows emzuliswaneni wokuqala wesizini.