SuperSport United (0)1
Swallows (0)1
ISUPERSPORT United izenzele phansi iphunyula amaphuzu okuvala igebe esicongweni se-log ibambana neSwallows emdlalweni weDStv Premiership eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngeSonto ebusuku.
Igoli leSuperSport lishaywe nguThulani Hlatshwayo esiwombeni sesibili. EleSwallows lokulinganisa libekwe enethini nguLindokuhle Mtshali sekusele amanenjana kuphele umdlalo.
ISuperSport, ebikade isiwine imidlalo yeligi eyisihlanu kweyisithupha yakamuva, ingene enkundleni isinethuba lokugudluza iRichards Bay endaweni yesibili emuva kokuthi iNatal Rich Boyz iphunyule amaphuzu kwiChippa United emdlalweni ophele zibambene ngo 3-3 eGauteng.
Ukuphunyula amaphuzu kwaMatsatsantsa kuwalahlekisele ngethuba lokuvala igebe phakathi kwawo nomakhelwane iMamelodi Sundowns esesicongweni ngawu-28 ngemuva kwemidlalo engu-12. Lokhu kushiye iBay endaweni yesibili njengoba kuqala ikhefu lomqhudelwano weNdebe yoMhlaba. Imidlalo yeligi isiyoze ibuye ngoDisemba.
Ukuphuma nephuzu kweSwallows kuyiweze ngelibanzi kwazise ithole intuba yokuphefumula. Ingene enkundleni idinga amaphuzu okuxebuka emshungwini wamaqembu asengozini yezembe kwazise ihlezi endaweni ka-13 kwi-log. Kade ibheke ukusebenzisa ukushibilika kweSekhukhune United, esendaweni ka-14, ebambane neTS Galaxy ngeSonto ntambama. Emsileni we-log kuhlezi iMaritzburg United.
Akubuzwa ukuthi la maqembu azolibheka ngezindlela ezingafani ikhefu leNdebe yoMhlaba ezoqala ngoNovemba 18 kuya kuDisemva 20 eQatar.
Ukulangazelela amaphuzu kweSuperSport, ikucacise zibekwa ngokuhlasela iphindelela. Nokho awekho amathuba abephakamisa amaphaphu. ISwallows nayo ibikhombisa ukuba yingozi uma idlala amabhola asheshayo ibheke phambili. Unozinti weSwallows, uThakasani Mbanjwa, utakule iSwallows evimba ibhola likaGrant Margerman esebhekene naye ngomzuzu ka-22. Emuva kwemizuzu emithathu, iSuperSport ithole iphenathi emuva kokuthi uYagan Sasman edonse uThamsanqa Gabuza ebhokisini kodwa wayishaya yaphuma eceleni kwepali uBradley Grobler ngemuva kokushibilika ngesikhathi ekhahlela.
Esiwombeni sesibili, iSuperSport ibuye ngomfutho ofanayo neqale ngawo umdlalo kodwa ihluleka uma isifike phambili. Ngomzuzu ka-55, uHlatshwayo ulingqofele phakathi emuva kokuthi uMbanjwa ehluleke wukuchithela kude ibhola kukade kuyikhona. Ngomzuzu ka-90 uMtshali udonse umgundatshani engaphandle kwebhokisi, wamudla uRicardo Goss ezintini zeSuperSport.
Emdlalweni olandelayo, iSuperSport izobhekana neMarumo Gallants ngoDisemba 30 ekhaya. Ngosuku lokugcina lonyaka, iSwallows izovakashela iRichards Bay eThekwini.