Cape Town City (0) 0
SuperSport United (0) 1
ISUPERSPORT iqinise amathuba okuhlala embangweni wesicoco seligi ngokwehlula iCape Town City emdlalweni weDStv Premiership eCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesibili ebusuku.
Iqhawe kube nguBradley Grobler oyishayele igoli esiwombeni sesibili.
ISuperSport ingene enkundleni ibheke ukuqhubeka nomsebenzi wangempelasonto edlule lapho iqoqe amaphuzu amathathu kwiMarumo Gallants. Ngasohlangothini lweCity kade ibheke ukuqhubeka nomgqigqo evale ngawo u-2022 yehlula iRoyal AM. Ngokuqoqa amaphuzu amathathu, iSuperSport yeqe iRichards Bay kwi-log, yanyukela endaweni yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns esesicongweni se-log yePremiership.
Ngaphambi komdlalo, kunyomfeke izinhlelo zomqeqeshi weCity, u-Eric Tinkler, kuvela ukuthi umdlali wasemuva uLorenzo Gordinho ngeke adlale ngenxa yesigwebo sekhadi elibomvu alithola ngo-2020 esadlala kwiBidvest Wits.
UGordinho, ojoyine iCity esesuka phesheya kwezilwandle, ubhaliswe ngosuku lomdlalo emabhukwini ePremier Soccer League (PSL) nokuyilapho okuvele khona icala lakhe elidala. Usayiniswe ukuzovala isikhala sikaNathan Fasika olimele. UGordinho, owadlala nakwiKaizer Chiefs, uzophinda ahlale ngaphandle uma iCity isibhekene ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ntambama eKapa.
Enkundleni yiCity ekhombise ukulambela ukushaya igoli kuqala ngokuhlasela iphindelela. Kodwa akukho okutheni obekukhathaza unozinti weSuperSport, uRicardo Goss. Imizamo embalwa yeSuperSport kade iphelela ezandleni zikaDarren Keet ezintini zeCity. Ithuba elicacile lomdlalo liwele iCity ngomzuzu ka-45 ngesikhathi ibhola lishaya ipali kabili lagcina liwele kukaputeni uThamsanqa Mkhize kodwa walishaya laphuma eceleni kwepali. ISuperSport igqemeke engeqiwa ntwala kulimala isethenjwa uThatayaone Ditlhokwe maphakathi nesiwombe sokuqala. Kungene uSiyabonga Nhlapo endaweni yakhe.
Esiwombeni sesibili, iCity ibuye yaqhubeka nokuhlasela kodwa ihluleka uma isifike phambili. Nokho ngokuqhubeka komdlalo iSuperSport ikhombise ukuba yingozi. Kugcine kuyilungele ngomzuzu ka-82 ngesikhathi uGrobler engqofela phakathi ibhola eligotshwe nguPatrick Maswanganye kwesokudla. Ngokushaya leli goli, uGrobler ufice umgadli weKaizer Chiefs uCaleb Bimenyimana obehamba phambili ngayisikhombisa kwiPremiership.