I-SUPERSPORT United inqobe isicoco seligi iDStv Diski Challenge ihlezi ekhaya, iwezwa ngelibanzi yiTS Galaxy eyishayele izimbangi iCape Town City ngeSonto emini.
ISuperSport, okuqale imidlalo yempelasonto ihlezi esicongweni, kuqinisekisiwe ukuthi ingompetha abasha beDiski Challenge besizini ka-2022/2023, isasalelwe wumdlalo wokugcina ngenxa yokuthi alisekho iqembu elizoyifica ngamaphuzu.
Yenzelwe umsebenzi yiGalaxy eyehlule iCity ngo-2-1 okuyiyona kuphela ebisengafica iSuperSport ngamaphuzu. Amatsatsantsa ahlule iSwallows ngo-3-0 ngoMgqibelo, anyukela emaphuzwini angu-62. Azobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni wokugcina ngempelasonto. ICity, ezovala neMamelodi Sundowns, isengagcina emaphuzwini angu-59. I-Orlando Pirates, ezodlala owokuvala isizini neLamontville Golden Arrows, isengagcina ku-61, iqede endaweni yesibili kwi-log uma inqoba.
Ngokuwina iligi yeDiski, iSuperSport izovakashela phesheya kwezilwandle ezinyangeni ezizayo ohambeni oluhambisana nomklomelo wokudla ubhedu kule ligi. Ngesizini edlule, kuhambe iStellenbosch efike e-UK yawina umqhudelwano i-English Premiership Next Gen Cup. ISuperSport, eqalayo ukuwina iligi yeDiski Challenge, iqede endaweni yesibili ngesizini edlule. Iningi labadlali abayiwinise iligi kade bekhona ngesikhathi yehluleka ngosuku lokugcina.
Umqeqeshi weSuperSport, uThabo September, uthe kade inzima le sizini.
"Ngijabule kakhulu. Angikakholwa namanje ukuthi sesiyiwinile iligi. Mhlawumbe ngizokholwa ngokuhamba kwezinsuku. Le sizini kade inzima kakhulu uma uyiqhathanisa nedlule kodwa ngiyajabula ukuthi sekuphelile. Sekusezandleni zabafana bami ukuthi bayalisebenzisa ithuba lokuzibonakalisa phesheya kwezilwandle. Mhlawumbe singashiya oyedwa noma ababili," kusho uSeptember owayengukaputeni waMatsatsantsa esadlala.
Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge: Richards Bay 0-0 Orlando Pirates; SuperSport United 3-0 Swallows; Marumo Gallants 2-0 Stellenbosch; Golden Arrows 2-0 Maritzburg United; Cape Town City 1-2 TS Galaxy; Sekhukhune 2-3 Chippa United; Royal AM 1-1 Mamelodi Sundowns; AmaZulu 0-2 Kaizer Chiefs.