UTHEMBELE ekutheni iqembu liqede endaweni ehloniphekile kwi-log yeDStv Premiership umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, njengoba kubukeka sengathi ezakhe ziyasala embangweni wesicoco seligi.
Amatsatsantsa a Pitori, alahle amaphuzu futhi ngoMsombuluko ebusuku, ngesikhathi eguqiswa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni obuseLoftus Versfeld.
EzikaHunt zilele endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-27, emidlalweni engu-16. Zisele ngamaphuzu angu-16 kumaSandawana aqhwakele ngangu-43, emidlalweni engu-17.
Umqeqeshi uthe bazozama ukuba ngelinye lamaqembu amathathu azoqeda phezulu kwi-log ukuze bakwazi ukuzibekisela indawo kwiCaf Champions League, noma-iCaf Confederation Cup.
"Kunempi enkulu yokulwela indawo yesibili neyesithathu ngoba kunenqwaba yamaqembu asondelene lapho. Nalapho kodwa kumele ucabange ukuthi yimaphi amaqembu asebenzisa imali ngaphezu kwamanye, ngubani othengile nongathenganga,” kubeka uHunt.
“Asikasebenzisi ngisho irandi elilodwa kulo nyaka, angikathengi noyedwa umdlali ngakho ngicabanga ukuthi kukhulu esikwenzayo ngalokhu esinakho. Siyalwa.
"Asingakhathazeki kakhulu ngokuthi sizoqeda kuphi. Asizihlulele ngokuthi sinani bese sizama ukuthuthuka. Kumele silwe namaqembu alingana nathi. Sizozama ukwenza iqembu libe ngcono, okuyinto engiyizama nsuku zonke. Yilokho kuphela ongakwenza.
“Uma singawaphinda kabili amaphuzu esiwathole emzuliswaneni wokuqala, nakanjani sizobe sikhona kwi-Top 3. Besinamaphuzu amabili emidlalweni emine ekuqaleni kwesizini kodwa sakwazi ukuzibeka endaweni engcono.”
UHunt ukholwa wukuthi bebenalo ithuba lokuvimba isitimela seSundowns, esisaqhubeka nokushosholoza njengoba isinqobe imidlalo engu-11 yeligi ilandelana kodwa babhekwa yisambane uma kufanele balibeke enethini ibhola. EleSundowns lokubika livalelwe nguNeo Maema esiwombeni sokuqala.
Yize bedliwe, uHunt uncome abadlali bakhe ngokuwajulukisa amaBrazilian ekubeni bedlale zingekho izethenjwa ezinjengoThulani Hlatshwayo, Bradley Grobler, Ricardo Goss, Grant Margeman nabanye.
“Ngiphoxekile ngoba ngicabanga ukuthi besifanelwe okungaphezulu kwalokhu esikutholile kodwa akwenzekanga. Sekuyimidlalo emibili ilandelana manje kwenzeka into enje,” kuqhuba uHunt.
“Bekungumdlalo omkhulu lona. Kuyishwa ukuthi sihluliwe kodwa ngiyabancoma abadlali ngoba basebenze kanzima. Kumele sehlulelwe ngohlobo lwabadlali esinabo. Uma womabili amaqembu engabeka uhlu lwabadlali etafuleni kufanele sibone ukuthi bangaki kwabangu-11 bethu abangabakhetha, nokuthi bangaki thina esingabakhetha eqenjini labo.
“Ngesikhathi ngifika okokuqala (kwiSuperSport) eminyakeni edlule amaqembu ayesondelene kakhulu, yafika iSundowns yathenga bonke abadlali bethu, kwaphela ngathi. Sekuphinde kwenzeka futhi inqwaba yabadlali bethu abalapha (kwiSundowns).
"Kodwa lezi zinto ziyenzeka, siyiqembu elidayisa abadlali, yindlela esiphila ngayo. Sisebenza ngesabelomali nokunye okunjalo. Kufanele sibe neqiniso uma sikhuluma ngendawo okufanele siqede kuyona.”
Ngokubona kukaHunt, alikho iqembu elizovimba iSundowns ukuthi ithathe isicoco seligi yakuleli okwesithupha kulandelana kodwa ukholwa ukuthi iqembu elingomakwelwane sekumele libheke okungcono kunokukhonya ekhaya.
“Uma sikhuluma iqiniso, akumele iSundowns yahlulelwe ngokuthatha isicoco sePSL, kumele yahlulelwe ngeChampions League. Kufanele bangene kowandulela owamanqamu noma owamanqamu kulowo mqhudelwano yonke iminyaka,” usho kanje uHunt.
“Kufanele bahlulelwe ngalokho ngoba igebe likhulu uma ubaqhathanisa namaqembu aseNingizimu Afrika. Akuyona into enhle kodwa yindlela izinto ezihamba ngayo. Banabadlali, nabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu futhi iqembu lilonke nje selikhuphukele kwelinye izinga, kufanele sibancome.
"Bayisebenzisa ngendlela efanele imali yabo futhi benza abakufunayo. Kunabadlali esinabo engingeke ngithande ukukutshela ukuthi bahola malini. Abantu abalungisa amajezi okudlala kwiSundowns, cishe bahola kakhulu kunathi,“ kuchaza uHunt
NgoFebhuwari, iSundowns izoqala imidlalo yamaqoqo kwiCaf Champions League, lapho iqhathwe ne-Al Ahly yase-Egypt, i-Al Hilal yaseSudan neCoton Sport yaseCameroon kuGroup B.
Amatsatsantsa azodlala omunye umdlalo omqoka weligi ngeSonto, lapho ezodudulana neRichards Bay, elele isibili kwi-log, eLucas Moripe Stadium.