Mamelodi Sundowns (0) 0
Pyramids FC (0) 0
IMAMELODI Sundowns izandisele umsebenzi kulandela ukucazelana kwayo ngamaphuzu nePyramids FC yase-Egypt, emdlalweni ka-Group A weCaf Champions League obungeSonto ntambama, eLoftus Stadium, ePitoli.
Ngenxa yalo mphumela iSundowns ngeke isabanalo ithuba lokukhululeka ngokugcwele ngamathuba ayo okudlulela kweyama-quarter final alo mqhudelwano ewukhonye ngo-2016.
Iwuqede ingasaphelele umdlalo iPyramids kwazise uHamid Toeima, uthole amakhadi amabili aphuzi ngokwahlukana kweziwombe.
ISundowns ifike kulo mdlalo isuka endukwini engayijwayele ka 1-0 emdlalweni odlule waleli qoqo ne-TP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ngasekuqaleni kukaDisemba ekuhambeni.
Imizuzu yokuqala engu-20, iSundowns ibiziphathele ebholeni kulo mdalo ebibhekene kuwona nePyramids ebigabe, ngoFagrie Lakay, ongumgadli weBafana Bafana.
Ukuzinikela ngokudlulele kukaLakay kumtholise ikhadi eliphuzi zisuka kwazise ubefuna ukuziveza njengoba ebengekho, uFiston Mayele, ngenxa yamaphepha abemvumela ukuba angene eNingizimu Afrika.
Ngale mizuzu yokuqala, u-Abdelmounaim Boutouil, ulimale ngale ndlela yokuthi kuphoqe ukuthi indawo yakhe ithathwe, uThapelo Morena, ongene neminyakazo ebonakalayo.
Obekucaca ukuthi iPyramids (eqhwakele kwi-log yase-Egypt), ibingenankinga nokuvumela iSundowns iphathe ibhola kodwa lokhu bekugcina engxenyeni enkulu yayo.
Nangasemaphethelweni esiwombe sokuqala, iSundowns iyona ebikhombisa izimpawu zokulikhuphula izinga ngeminyakazo nangamathuba ebisiwakha.
Esiwombeni sesibili, iSundowns ibisaqhubeka nokuhlasela kangcono.
Ngokuqhubeka komdlalo, iPyramids ibilokhu iqhamuka neminyakazo kodwa obekucaca ngayo ukuthi ilindele iphutha kwiSundowns.
Ngomzuzu ka-70, uLakay uyeke ithuba lokuphula izinhliziyo zeSundowns lapho ethole khona ithuba ebelingalindelekile kulandela ukulala kwezitobha zaleli qembu laseChloorkop kodwa wabamba wayeka.
Akhona namanye amathuba atholwe izivakashi umdlalo usuyela ngasekupheleni kodwa zawayeka.
Kuyona yonke imizamo neminyakazo yeSundowns, igoli belilokhu linqabe njalo. Kwesinye isikhathi bekunqaba abebephethe umdlalo ngeduku noma ngempempe.
Lo mphumela ushiya wonke amaqembu ka-Group A elingana ngamaphuzu amane emidlalweni emithathu asayidlaleile. iMazembe ibambane ngo 0-0 Noudhibou yase-Mauritania.