Mamelodi Sundowns (2) 3
Nouadhibou (0) 0
IYIQALE ngenothi eliphezulu iMamelodi Sundowns imidlalo yesigaba samaqoqo eCaf Champions League, ishaya iNouadhibou yaseMauritaina ngo-3-0 kobuseLoftus Versfeld ngeSonto ntambama Stadium.
ISundowns ichanase umdlalo uqala waze wayophela. Inqobe ngamagoli kaRibeiro Costa alinamathisele enethini ngomzuzu ka-22 nelikaPeter Shalulile alingqofe ngekhanda ngoka-28.
Elesithathu kube i-free kick eshaywe uGaston Sirino obesuka ebhentshini.
Empeleni iSundowns kumele ukube kulo mdlalo inqobe ngembudlu yamagoli. Ibingaya ekhefini okungenani ihamba ngamagoli amathathu noma amane ukube iwavalele phakathi wonke amathuba ebiwakhile.
Kungokokuqala iNouadhibou ingena esigabeni samaqoqo eChampions League. Ukushesha kwabadlali abafana noThemba Zwane, Shalulile, Costa, Neo Maema kuzidide kwaziqeda izitobha zeNouadhibou.
Uze waphela lo mdlalo izitobha zeSundowns nonozinti uRonwen Williams bezipholele.
Esiwombeni sesibili, ezikaRhulani Mokwena ziqhubekile nokuyishubisa. Kungakapheli sikhathi esingakanani unozonti weNouadhibou uphume ngekhadi elibomvu ngenxa yokudlalisa kabi ngaphandle kancane kwebhokisi, uSirino. Kube wuye lo mdlali wase-Uruguay oyibeke enethini i-free kick. Bese kuvimbe uMamoudou M'bodj. Ngasekupheleni komdlalo iNouadhibou izamile ukubuya ngamandla kwasho ukuthi isikhathi sesidliwe yinja.
ISundowns iye kulo mdlalo ihambela phezulu kwazise emasontweni edlule, ibe yiqembu lokuqala ukunqoba umqhudelwano omusha weCaf, i-African Football League.
KuGroup A iboshelwe nePyramids yase-Egypt neTP Mazembe yaseDRC.
NgoLwesithathu, iSundowns izobuyela emidlalweni yeDStv Premiership esinesikhathi yagcina ukudlala kuyona. Izodudulana nomkhaya basePitoli, iSuperSport United kozoqala ngo-7.30 ebusuu, eLucas Masterpiece Moripe Stadium.
OweChampions League izoze iwudlale neTP Mazembe, ngoMgqibelo ekuhambeni.