UTHEMBISA ukuthi bazofunda emaphutheni abawenze kowamanqamu weCaf Women’s Champions League umqeqeshi weMamelodi Sundowns Ladies, uJerry Tshabalala.
ISundowns ithelwe ngehlazo lika-4-0 yi-AS FAR yaseMorocco, kowamanqamu walo mqhudelwano ngeSonto ebusuku.
AmaSandawana aphucwe indebe ayiwine e-Egypt, nyakenye ngesikhathi equnjwa ngephenathi kaFatima Ragnaout kanye namagoli amathathu ka-Ibtissam Jraidi.
AmaBrazilians aqede umdlalo esenabadlali abayisishiyagalolunye enkundleni kulandela ukukhishwa ngamakhadi abomvu kukaRhoda Mulaudzi esiwombeni sokuqala nokaputeni uZanele Nhlapo kwesesibili.
“Siyayihalalisela i-AS FAR, inqobe kufanele. Badlale kangcono kunathi namuhla (ngeSonto) kodwa ngeke ngiwasole amantombazane ami, azinikele ngayo yonke indlela,” kusho uTshabalala kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Emdlalweni webhola imiphumela mithathu, unganqoba, ungahlulwa noma udlale ngokulingana. Ngeshwa namuhla bekungelona usuku lwethu, ngingasho ukuthi sisaziqhenya ngoba sihlulwe yiqembu ebelingcono kunathi.
“Sibacindezele engxenyeni yabo yenkundla umdlalo usanda kuqala kodwa ngeshwa, singenelwe yiphenathi saphinde sathola ikhadi elibomvu. Sizobheka ukuthi kwenzekeni kulo mdlalo nokuthi thina siwudlale kanjani. Kuzosisiza kakhulu uma sesihlangana nabo futhi emiqhudelwaneni ezayo."
AmaSandawana abesevele esivikele isicoco seHollywoodbets Super League kuleli, ngaphambi kokuthi alibangise eMorocco kodwa asenemidlalo emithathu esele bese esonga isizini.
Aseqoqe amaphuzu angu-73 emidlalweni engu-27 kanti azobe ebheke ukwengeza amanye njengoba athola alinganayo ngesizini edlule iligi isenamaqembu angu-14.
“Sifunde lukhulu kulo mqhudelwano nakulo mdlalo, sizobuyela ekhaya siyolungisa amaphutha. Umyalezo wami kubo bonke abasekhaya uthi masingalilahli ithemba, sifunde kanzima. Sizokulungisa lokhu esibona sengathi asikwenzanga kahle,” kwengeza uTshabalala.
“Umdlalo webhola unje. Yize bekulindeleke ukuthi sinqobe futhi kubuhlungu ukuhlulwa ngamagoli amaningi kangaka kodwa akubhedanga konke. Siseneligi okusamele siyoyiqedela ekhaya. Okuhle wukuthi besesivele sisinqobile isicoco ekhaya. Besingompetha futhi sizobuya ngamandla."
UTshabalala uphinde wancoma iMoroccan Football Federation ngokutshala imali ebholeni labesifazane eminyakeni edlule nokuholele ekutheni iqembu labo lesizwe lifinyelele kowamanqamu weWomen's Africa Cup of Nations okokuqala nonyaka ngaphambi kokuthi i-AS FAR ithathe isicoco seChampions League.
“Imizamo yeMorocco yokuthuthukisa ibhola labesifazane isithela izithelo ezinhle. Yinto enhle kakhulu ngoba ngeke sihlale sinamaqembu amabili ambalwa ancintisanayo ebholeni labesifazane,” kusho uTshabalala.
“Sekuyisikhathi sokuthi namanye amaqembu, namanye amazwe aqhamuke, akhuphule izinga ukuze ibhola llase-Afrika likhule, ikakhulukazi elabesifazane.
“Ngiyethemba ukuthi namanye amazwe ase-Afrika azotshala imali ebholeni labesifazane ukuze imincintiswano yethu yamaqembu neyamazwe, ibe sezingeni eliphezulu,” kuphetha lo mqeqeshi.