Royal AM (0) 0
Mamelodi Sundowns (1) 2
IROYAL AM izoyidlala ijeqeza imidlalo yayo emibili yokugcina yeDStv Premiership kulandela ukuphindwa kwayo ngenduku iMamelodi Sundowns ngoLwesibili ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Seziyela ngasekhefini, uPeter Shalulile, uvule inkundla ngegoli elihle ngaphambi kwelesibili elishaywe, uLesiba Nku, ngesesibili.
Lo mphumela ubeka iThwihli Thwahla endaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu-29, okuyenza ibengcono ngamaphuzu amabili kuphela kwiRichards Bay FC okuseyiyona ebukeka iya emidlalweni yokuhlunga.
Leli qembu laseMphithi belilokhu lisele ngemidlalo kodwa ifomu ethusayo yakamuva ilokhu ilihlehlise nyova kwi-log njengoba selizithola limincile.
Imidlalo yokugcina yeRoyal AM efike kulo mdlalo weSundowns isishaywe kwemine ilandelana ngaphandle kokushaya igoli, izoyigijima neChippa United ekhaya neMoroka Swallows ekuhambeni.
Yomibili imqoka kwazise amaChilli Boys asabheke ukuqeda kwi-Top 8 ekubeni iSwallows ilwa ngakho konke enakho ukubalekela ukudlala kweyokuhlunga.
Njengoba bekulindelekile ziqale zathengana imizuzu yokuqala engu-40 kwazise nangoMgqibelo bezishukana eLucas Moripe Stadium kuyona iligi.
Ngomzuzu ka-41, uShalulile ubhakuzise inethi ngelinye lamagoli angase abhekwe uma sekuqokwa avelele kule nyanga.
Esiwombeni sesibili iRoyal AM ibuye ngomfutho kodwa iminyakazo ibigcina ngokuphelala ezandleni, zikaDenis Onyango, obevimbele iSundowns.
ISundowns iphinde yayibhakuzisa inethi ngonyawo lukaNku olivalele phakathi ngomzuzu ka-74 kulandela ukuphaselana kamnandi kwabadlali basesiwini beDowns. Lokhu kulandelwe iphenathi ethathwe u-Allende ngomzuzu wokugcina wayibeka ezihlweleni.
ISundowns igcine iwinile yaphinde yazisondeza ekuphuleni irekhodi layo lamaphuzu amaningi kunawo wonke ngesizini (71) nelokuqeda iligi ingazange ihlulwe.