ISILOMO somdlali weSenegal, uSadio Mane, sithembisa abalandeli babo ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukungena emabhukwini omlando ngokuba yizwe lesine ukuvikela i-Africa Cup of Nations (Afcon) nakuba kungeke kube lula.
Amehlo azobe ethe njo kompetha kulo mqhudelwano ozoqala ngoJanuwari 13 e-Ivory Coast kwazise basengelinye lamaqembu athwelwe ngeqoma.
ILions of Teranga iphakamise le ndebe okokuqala ngesikhathi iguqisa i-Egypt sekukhahlelwa amaphenathi e-Olembe Stadium, eYaounde, eCameroon, ngoFebhuwari 2022.
Ngaphambi kwalokho yayihluleke kabili isifikile kowamanqamu. Yadliwa yiCameroon sekukhahlelwa amaphenathi ngo-2002, yashaywa yi-Algeria ngo 1-0 ngo-2019.
Mathathu kuphela amazwe asekwazile ukugcina isicoco se-Afcon kusukela lo mqhudelwano waqala ukudlalwa ngo-1957. IGhana yawunqoba ngo 1963 nango-1965. ICameroon yaphuma phambili ngo-2000 nango-2002, i-Egypt yaba ngompetha kathathu kulandelana ngo-2006, 2008 nango-2010.
“I-Afcon iyona ndebe ehamba phambili kwengake ngazinqoba empilweni yami futhi ukuba nethuba lokuyilwela futhi kuyinto ekhethekile. Ukudlala kulo mqhudelwano kwakuyiphupho lami ngisemncane. Sizokwenza konke okusemandleni ethu,” usho kanje uMane kwi-website ye-Caf.
“Ukuvikela le ndebe kungaba nomthelela omuhle ebholeni lethu kwazise sesinqobe inqwaba yezicoco emazingeni ehlukene. Siyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa sizolokhu silwela ukudlulela emzuliswaneni olandelayo.
“Ngicabanga ukuthi uzoba nzima kuneminye imiqhudelwano ye-Afcon engake ngayidlala ngoba maningi amanye amaqembu amakhulu anezinjongo ezifanayo kodwa sizobona phambili.”
Eminyakeni edlule iSenegal ikhombisile ukuthi ingelinye lamazwe ahamba phambili e-Afrika ebholeni labesilisa ngokunqoba izindebe. Idle isicoco se-Afcon ka-Under 17 nesika-Under 20 ngonyaka odlule kanti iyona engompetha be-African Nations Championship (Chan), eyinqobe ngo-2022.
Iqembu lika-Aliou Cisse lizoqala lo mqhudelwano kuGroup C othathwa njengelinye lamaqoqo anzima, lapho liqhathwe neCameroon, Guinea neGambia.
Uma lo mqeqeshi engaphinda anqobe le ndebe angaba ngowesithathu ukuyivikela. UCharles Gyamfi wakwenza ngesikhathi eyinqoba neBlack Stars ngo-1963 nango-1965, kwathi uHassan Shehata wayithatha ne-Egypt ngo-2006, 2008 nango-2010.
UMane, oseshaye amagoli ayisishiyagalombili emiqhudelwaneni edlule ye-Afcon, usekude nerekhodi lokuhlohla amagoli amaningi emlandweni wawo. Leli rekhodi liphethwe ingwazi yaseCameroon, uSamuel Eto’o, owashaya amagoli angu-18 emiqhudelwaneni eyisithupha ye-Afcon ayidlala kusukela ngo-2000 kuya ku-2010.
Irekhodi lamagoli amaningi emqhudelwaneni owodwa liphethwe nguNdaye Mulamba waseDemocratic Republic of Congo, owashayela izwe lakhe amagoli ayisishiyagalolunye ngo-1974, lisabizwa ngeZaire.