Richards Bay FC (1) 1
University of Pretoria (0) 0
KUFANELE ukuba behle kahle ubuthongo kwabaxhumene neRichards Bay FC kulandela ukuqala kwayo imidlalo yokuhlunga ngewini ngesikhathi ibhekene ne-University of Pretoria ngoLwesithathu ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
IBay elale unombolo-15 kwi-log yeDStv Premiership ivulelwe inkundla uSomila Ntsundwana, ngengcwenga yegoli okube ilona lodwa alishaye esiwombeni sokuqala.
Imizuzu yokuqala engu-20 bekuyizivakashi ebezifika ziphindelela ezintini zeBay kwazise izitobha zayo obekuhlanganisa nonozinti, uSalim Magoola, bezixhoshwa ilanga.
Ngendlela umdlalo obuhamba ngayo bekubukeka sengathi iTuks iyona ezolithola noma nini igoli.
Kuphele konke lokhu ngomzuzu ka-22 lapho uNtsundwana ebeka ezakhe phambili ngegoli azakhele lona eqhamuka ngakwesokunxele.
Leli goli kube sengathi liyayidambisa iTuks ngesikhathi esifanayo lakhuphula ukuzethemba kwabeBay kodwa akubange kusabakhona amanye amathuba umdlalo waze waya ekhefini.
Isiwombe sesibili siqale ngokuthi kube iTuks ehlasela ngamandla ngasekuqaleni kwaso kodwa lokhu kuqhubeke kwaze kwaba umdlalo uyaphela.
Kwenzeka konke lokhu nje, iBaroka FC ilinde iBay ngomqeqeshi omusha, uMorgan Mammila, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eGlobal Village.
Ukuqashwa kukaMammila osanda kuhlukanisa isigubhukane neChippa United ebimqashe njengosomaqhinga, kuqinisekiswe iyona iBaroka emakhasini ayo ezinkundla zokuxhumana yize ingazange ichaze okuningi ngaphandle kokuthi uzobamba kuze kuphele eyokuhlunga.
UMammila ulandwa imidlalo yokuhlunga isiqalile nje, ingoba, uDan “Dance” Malesela, okunguyena ofake iBaroka kule midlalo naye umiswe isigubhukane ngeledlule.
UMalesela umiswe emsebenzini kulandela ukuqala ngebatha kweyokuhlunga weBaroka eshaywe iTuks ngo 1-0 ngempelasonto edlule eTuks Stadium.
UMammila obesebenza njengesikhulu esiphezulu kwiBaroka ngesikhathi ikhuphukela esigabeni esikhulu ngesizini ka-2015-2016, ulandelwe ukuzovala lesi sikhala.