ABADLALI be-Orlando Pirates kuzomele bagweme ukuzithela ngabandayo uma sebebhekene neDjabal FC yaseComoros, emlenzeni wokuqala womzuliswano wokuqala wokuhlungela amaqoqo koweCaf Champions League.
Lo mdlalo uzoqala ngo-2.30 ntambama eStade de Moroni, edolobheni iMoroni, okuyinhloko-dolobha yesiqhingi iComoros, esiseduze nogu lwaseMozambique.
AmaBhakabhaka angene kulo mqhudelwano ngokulala endaweni yesibili kwiDStv Premiership ngesizini edlule. IDjabal ibe ngompetha beComoros Premier League ngesizini edlule, idla le sicoco okwesibili ngemuva kokusinqoba okokuqala ngqa ngo-2012.
Womabili amaqembu ake ahlangana kweyokuhlungela iChampions League ngo-2013 yangalibona elidlalayo iDjabal, ezikaMagebhula ziyibhubhudla ngo 9-0.
IPirates yanqoba umlenze wokuqala ekhaya ngo 5-0 lapho umgadli waseZimbabwe, uTakesure Chinyama, wahlohla amagoli amane. Umlenze wesibili ekuhambeni nawo yawunqoba kalula ngo 4-0.
IDjabal ibinabadlali abahlanu eqenjini lesizwe laseComoros, ebelibambe iqhaza ngenyanga edlule kwiCosafa Cup, eThekwini. Bekuyizitobha uBakri Youssuf, no-Omar Abdoul-Anziz, umdlali wasesiswini uKanoty Tombo, nabagadli uHachim Abdou, no-Affane Djambae.
Kuzomele izitobha zePirates zimqaphe ngeso lokhozi uDjambae ngoba ube ngumdlali ovele kwiligi yaseComoros ngesizini edlule, washaya amagoli amaningi kunabo bonke.
Akaphelelanga lapho, wagqama nakwiCosafa eshaya amagoli amabili, okuholele ekutheni amenywe yiCape Town Spurs, ukuthi azozilolonga nayo ngoba ibheke ukuqinisa phambili.
Ngokwesitatimende esikhishwe yiqembu laseComoros kwiFacebook, lo mgadli wenze kahle kwiSpurs kodwa wabuyela kulona ngoba usagaqelwe ngamanye amaqembu.
Nakuba kungenzeka izidlulele kalula iPirates kodwa kufanele iqikelele ngoba isike yakhishwa kulesi sigaba somqhudelwano kwaze kwaba kathathu.
Ngo-2010 yakhishwa yiGaborone United. Umdlalo owawuseBotswana, waphela zibambene ngo 0-0 kwathi owesibili kuleli waphela ngo 2-2, iGaborone yadlula ngamagoli asekuhambeni.
IPirates yaphoxa abalandeli bayo futhi ngo-2012 ikhishwa yiRecreativo do Libolo. Leli qembu lase-Angola, layithela phansi ngo 3-1 ekhaya, ekuhambeni kwaba ngu 1-1.
Ngo-2019 AmaBhakabhaka awashiswa ijezi zibekwa eshaywa yiGreen Eagles, yaseZambia. Leli qembu lanqoba ngo 1-0 enkundleni yalo ngaphambi kokuthi libambe iPirates ngo 1-1 emlenzeni wesibili.
Iqembu elizodlulela emzuliswaneni wesibili wokuhlunga phakathi kwePirates neDjabal, lizobhekana nelizonqoba phakathi kweJwaneng Galaxy yaseBotswana, neVipers yase-Uganda.