I-ORLANDO Pirates isiveze ukuthi umdlali wayo, uThembinkosi Lorch, useke wahamba amakilasi okululekwa ngendlela yokukwazi ukulawula ulaka ngemuva kokuvuma eqenjini ngokuhluleka ukuziphatha ngendlela.
Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe yiqembu ngoLwesithathu emini ngemuva kokuthi uLorch elahlwe yicala lokushaya enkantolo yaseRandburg ngoLwesibili.
Imibiko iveze ukuthi uLorch utholwe enecala lokushaya owayeyintombi yakhe (ngo-2020). Kulindeleke ukuthi agwetshwe ngoJulayi 28.
Esitatimendeni eZimnyama ziveze ukuthi ziyazi ngamacala abebhekene noLorch njengoba ngesikhathi luvela udaba ngo-2020, iqembu lenza uphenyo lwangaphakathi.
“Ngemuva kophenyo lwangaphakathi, iqembu labeka uMnuz Lorch icala lokuhluleka wukuziphatha. Walivuma, iqembu lase limhlawulisa imali, wayalelwa nokuthi ahambe ayolulekwa ukuze akwazi ukulawula ulaka lwakhe,” kusho isitatimende esikhishwe kwi-website yeqembu.
Siqhuba sithe uLorch watshela iqembu ukuthi kukhona udokotela asemhamba, uDkt Nomsa Nkuna-Boikanyo, oweluleka ngokuziphatha, okungenye indlela ezomsiza ukuhlumelelisa isimilo.
Kuthiwa lo mdlali waphinda wazisa iqembu ukuthi nabameli bakhe, bahlela ukuxhumana neDirector of Public Prosecutions (DPP), ukuze bafake isicelo sokuthi angashushiswa bese eqhubeka nokuhamba udokotela.
“Kodwa isicelo sikaMnuz Lorch sokuya kwiDPP asizange siphumelele, icala lase liqhubeka. Okwamanje asinayo iminingwane egcwele silindele uMnuz Lorch ukuthi asinikeze imininigwane egcwele. I-Orlando Pirates Football Club akukho okunye ukuphawula ezokwenza luze lufike esiphethweni udaba,” kuphetha isitatimende.
Iqembu lithe uLorch walazisa ukuthi usekuphothulile ukuhamba udokotela futhi likholwa wukuthi kwamsiza ngoba akaze amataniswe nezigameko ezinodlame kusukela lapho.