IKAIZER Chiefs yengeza ishobolo lokunganqobi uthotho lwemidlalo kweRichards Bay FC, iyishaya ngo-1-0 emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, izolo ntambama.
I-Natal Rich Boyz, ebidlalela ekhaya, ibivele ize kulo mdlalo inengcindezi yokuphikwa yimiphumela njengoba ibisidlale imidlalo eyisithupha ingayinuki iwini, obekuhambelana nokushaywa imidlalo emine ilandelana okubalwa kuyo nowomkhumulajezi.
Ngakho ukushaywa kwayo kulo mdlalo kwandise isibalo saba yimidlalo eyisikhombisa ingawini njengoba yagcina ukunqoba umdlalo ngoJanuwari 14, ishaya iMarumo Gallants.
IChiefs ikhombise zisuka ukuthi izimisele ngokushesha ithole igoli kulo mdlalo njengoba ibicindezela nokuthe ngomzuzu wesishiyagalombili uSiyabonga Ngezana wangqomfela phakathi ibhola ebeligotshwe uMduduzi Shabalala.
Kwande izinkinga kwiRichards Bay ngenkathi unozinti wayo wokuqina, uSalim Magoola, ekhishwa ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-19 emuva kokubamba ibhola ngesandla engaphandle kwebhokisi.
Lokho kuphoqe izinguquko ebezingahleliwe, sekukhishwa umdlali wasesiswini, uLangelihle Mhlongo, kwangena unozinti uNeil Boschoff.
Lokhu kuphoqe IRichards Bay idlale ingxenye enkulu yalo mdlalo ingasaphelele.
Ngesiwombe sesibili iRichards Bay ikhombise ukuba yiqembu elingcono kakhulu kunangesiwombe sokuqala. Lokhu kufakazelwe ukungabonakali kalula ukuthi ibidlala isishoda, yize iChiefs bekuyiyo ebithola amathuba amaningi okufika phambi kwamapali kuvalwe amehlo.
Ukuhlulwa ngamathuba kukaCaleb Bimenyimana kugcine kumdalele isigcwagcwa kubalandeli baMakhosi ebese bememeza bethi akakhishwe, nebala wagcina ekhishiwe, indawo yakhe yathathwa uWandile Duba.
Ukunqoba kwaMakhosi lo mdlalo kwandisa amathuba awo okufaka ukushisa kwi-Orlando Pirates neSupersport United embangweni wokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League neConfederation Cup ngokuphela kwesizini.
Kanti ngasohlangothini lweNatal Rich Boyz kusho ukuvuka izithintithe, ithimba layo labaqeqeshi eliholwa wuPitso Dladla noVasili Manousakis, liqhamuke namaqhinga azohlenga leli qembu lingaphumi kwiTop 8.