OWAYENGUMDLALI wasemuva kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uJohannes “Mahlalela” Hadebe, ukholwa wukuthi ukwehluleka kwaleli qembu ukuzibekisela indawo kwiTop 8 nakule sizini, kuyinkomba yokungahambi kahle kwezinto kulona nokusho ukushintsha ukwenza ngasohlangothini lwabaphathi ukugwema amathonsi abanzi.
IChiefs eqede isizini yesishiyagalolunye ingasazi isicoco, ibhansele isomiso sayo sezindebe ngokwehluleka ukuzibekisela indawo kwiMTN 8 ngesizini ezayo ngokuqeda endaweni ka-10 kwi-log yeDStv Premiership, ngaphansi kwesandla sikaCavin Johnson obeyibamba-mqeqeshi.
Ishaywe yiCape Town Spurs ngo 2-0 emdlalweni wokusonga imidlalo yePremiership yesizini ka-2023/24, kwase konakala.
Bese kungokwesithathu emlandweni wePremier Soccer League (PSL) iChiefs iqeda isizini ngaphandle kweTop 8, okuqale ukwenzeka ngesizini ka-2006/07, kwenzeka nangeka-2018/19 njengoba sekuyiphinda.
“Kuyaqala ukwenzeka ukuthi iChiefs kuphele amasizini ingawini neyodwa indebe, lokho kukhomba khona ukuthi kukhona lapho okungahambi kahle khona.
Okumangaza nakakhulu-ke manje sekuwukwehluleka nokungena kwiTop 8, okungasaqali nakho ukwenzeka njengoba kwenzekile cishe nangesizini ka-2018/19, kusaqeqesha u (Ernst)Middendorp,” kusho uHadebe owadlala kuleli qembu ekuqaleni kweminyaka yo-1980 lisawola izicoco.
“Siyakuqonda ukuthi wonke amaqembu aba nezikhathi ezinzima, ngoba ngisho namaqembu anjengoManchester United, namanye adumile emhlabeni, ake abhekana nesimo esinzima, kwaphela iminyaka engawini izindebe. Nokho, kwadingeka abaphathi bawo bashintshe ukwenza.
“Yiyonanto engicabanga ukuthi kufanele yenzeke kwiChiefs, abaphathi bayo bashintshe ukwenza, ukugwema amathonsi abanzi.
“Benze izinguquko ezinqala ezinhlakeni ezahlukene zeqembu kusukela ekuqokeni umqeqeshi osezingeni nonamava okunqoba izicoco, kuya kubadlali ngoba kuyacaca ukuthi abanye babadlali abakhona njengamanje abalona uhlobo oludingeka eqenjini elinjengeChiefs.”
Njengamanje kubhekwe ngabomvu ukuthi Amakhosi azogcina eqoke muphi umqeqeshi njengoba bebaningana abavelayo ohlwini lwalabo abangase bathathe isikhundla sokuqeqesha leli qembu laseNaturena.
Phakathi kwabo kubalwa u-Alexandre Santos noJose Peseiro bobabili okungabasePortugal, uVanderlei Luxemburgo waseBrazil, noSead Ramovic waseGermany oqeqesha i-TS Galaxy yakuleli.
Kwabangabomsinsi wokuzimilela eMzansi, kubalwa uPitso Mosimane, Benni McCarthy noManqoba Mngqithi.
UMosimane usanda kwehlukana ne-Abha Club yaseSaudi Arabia edliwe yizembe kwiSaudi Professional League.
Ngakolunye uhlangothi, uMcCarthy inkontileka yakhe ephelayo neManchester United ngoJuni, usephumele obala kwabezindaba baseMzansi ukuthi ngeke aliyeke ithuba lokuqeqesha iqembu elinjengeChiefs uma ithuba lingavela.
UMcCarthy ungumqeqeshi wabagadli kwiMan United esanda kuhlabana ngesicoco seFA Cup muva nje. UMngqithi uyiphini lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns engompetha beDStv Premiership.
UJohnson uqokelwe kwesokuba yibamba ngemuva kokukhonjwa indlela kukaMolefi Ntseki ngo-Okthoba nyakenye. UMolefi uyena obeqokwe njengomqeqeshi waMakhosi ngaphambi kokuqala kwale sizini, nokho waphikwa yimiphumela, ibhantshi labe seligcwala umoya. Lona bekuwumsebenzi wokuqala uNtseki eqeqesha iqembu lePremiership, okuyinto emangaze abaningi ngesikhathi iChiefs imnikeza lo msebenzi.