SITHEMBISO MKHIZE
"KANGINGABAZI ukuthi lapho ekhona, uRocky Madlala ongasekho ugxuma yedwa injabulo uma ebona Abafana Bes'thende belihlikihla kanjena ibhola"
La mazwi Isolezwe liwatshelwe inkakha eyayidlalela iLamontville Golden Arrows, uNhlanhla "Popo" Mshibe ongomunye wabadlali abalima indima enkulu ngesikhathi inyuselwa kwiPremiership ngo-2000.
UMshibe ikhono lakhe elabonwa uMadlala ngo-1996 wayengumphathi we-Arrows, bedlalela iHigh Parama Junior Aces yaseMlaza benoBheka Phakathi (ongasekho emhlabeni) , uthe kuyamjabulisa ukubona i-Arrows ibuyela ezimpandeni zayo, idlala ibhola elihehayo.
Uthe abafana baseLamontville abaphekwa, uMandla Ncikazi, bamkhumbuza izinsuku zabo zakudala, beyihlikihla kuthule umoya nozakwabo abanjengoLucky "Y2K" Sibeko, Goerge Khanyile, Bonang Ngaka, Nhlanhla Mncube, noLesley Langa.
NgoLwesithathu leli qembu likaMato Madlala, lishaye ngo-2-1 iTshakhuma maqede lalala isibili kwi-log yeDStv Premiership. Ligudluze i-Orlando Pirates ngamaphuzu awu-35.
"Labafana badlala leli bhola elalithandwa uBra Mich (esho uMadlala). Wayethanda ibhola elimnandi elihambisana nemiphumela emihle. Kwakuba muncu ekhempini uma sihluliwe. Sengathi umoya kaMadlala ovunguza ekhempini ye-Arrows ungaqhubeka njalo," kubeka uMshibe oke waqeqesha nezinkulisa ze-Arrows ngo-2008 kuya ku-2014.
Mayelana nakubona kuyimfihlo yokwenza kahle kwe-Arrows, uMshibe onguthisa e-Ukukhanyakokusa Primary School, eNewtown A, eNanda, eThekwini, uthe: "Abekho abadlali abanamagama. Abadlali bayo bakulambele ukudlala, basafuna nokuzakhela igama. Ngisho nomqeqeshi, uNcikazi uyambona ukuthi usafuna ukuzakhela elakhe igama. Akafuni ukuphoxa umama uMato, leli thuba ulibambe njengezikhali zamaNtungwa. Okunye okusiza uMandla ukuthi iningi labafana adlala ngabo ubazi njengoba ezazi, eminyakeni edlule ubebaqeqesha kwizinkulisa zayo i-Arrows. Nobuholi beqembu uyabona ukuthi bumeseka ndlela zonke. Wonke umuntu ujabule, nabadlali bayabahlonipha abaqeqeshi.”
Ngemuva komdlalo weTTM, uNcikazi uthe uthandazela ukuthi ezakhe zibambe umgqigqo ezikuwo.
"Angifuni kwenzeke okwasehlela emasontweni edlule. Sanqoba iQ2 kwathi emdlalweni olandelayo sashaywa iBlack Leopards. Ngethemba ukuthi sizoya kolandelayo weCity (Cape Town City) imiqondo yethu isesimeni esifanele,” kusho uNcikazi.
Lo mdlalo ungoMashi 20 ozayo, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.