UKUNQOBA isicoco kukaSiyabonga Ngezana, ngesizini yakhe yokuqala phesheya kufanele kube yisibonelo esihle kwabanye abadlali bakuleli. Ngamazwi kaNasief Morris, enye yezinkakha zebhola zaseMzansi.
UNgezana (26), ojoyine iFCSB (eyayaziwa ngeSteaua Bucharest) esuka kwiKaizer Chiefs ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/24, unqobe isicoco seligi, iRomanian SuperLiga, neqembu.
Bekungokokuqala iFCSB iphakamisa indebe ngemva kweminyaka eyisishiyagalolunye.ngoba yagcina ngesizini ka-2014/15. UNgezana ushiye iChiefs, eyagcina ukuhlabana ngesicoco ngesizini ka-2014/2015.
Lo mdlali wasemuva owakhulela kwinkulisa yeChiefs, ngaphambi kokuthi akhushulelwe eqenjini elikhulu ngesizini ka-2016/17, ubeqala ukunqoba isicoco selokhu aqala ukudlala ibhola elikhokhelayo.
Usegijime emidlalweni ewu-30 kwengu-37 kwiFCSB ngaphambi kokuthi ibe ngompetha. Uqale engu-29, wangena esuka ebhentshini kowodwa.
“Ngiyamhalalisela uNgezana ngalokhu akuzuzile neqembu lakhe. Okuhle kakhulu wukuthi ube ngumdlali omqoka kulona ekubeni kuyisizini yakhe yokuqala. Ulime indima enkulu ekutheni ligcine libe ngompetha,” kuphawula uMorris.
“Ngiyethemba ukuthi kuningi okusazoqhamuka kuyena ngoba iminyaka isamvumela ukuthi adlale amanye amasizini amaningi ezingeni eliphezulu. Kufanele aqhubeke nokuzimisela ukuze azuze okunye okuningi.
“Ngicabanga ukuthi uyaziqhenya ngalokhu akwenzile ngoba akulula ukuya ezweni ongazi muntu kulona futhi okungenzeka okuthi bewungazi okutheni ngalo kodwa ufike ugqame. Ngicabanga ukuthi impumelelo yakhe izobakhuthaza abanye abadlali abanesifiso sokuyodlala phesheya,” kubeka uMorris.
UNasief uqhube wagquqguzela abadlali abasebancane wathi:“Ngihlale ngisho ukuthi maningi amathuba okuyodlala phesheya, akudingeki ukuthi uze uqale kula maligi athathwa njengahamba phambili emhlabeni kodwa ungaziphendlela indlela ngokuqala kwanganakiwe kangako bese uyakhuphuka.
“Baningi abadlali abaqala emazweni anjengo-Austria, Denmark, Switzerland nakwamanye amazwe abagcina sebaziwa umhlaba wonke.”
Ngokuba ngompetha baseRomania, iFCSB isizibeke ethubeni lokugijima kwi-Uefa Champions League ngesizini ezayo. Ukunqoba kwayo kuyibekisele indawo emidlalweni yokuhlungela lo mqhudelwano lapho izobhekana nompetha bakwamanye amazwe, ilwele ukungena esigabeni samaqoqo.
Leli qembu lagcina ukungena kweyamaqoqo kwiChampions League ngesizini ka-2013/14, lapho laliqhathwe neChelsea, Basel, neSchalke kuGroup E. Laqeda emsileni ngamaphuzu amathathu ngemva kokudlala ngokulingana emidlalweni emithathu, nokukhala ngaphansi kweminye emithathu.
UMorris wadlala amasizini amathathu kwiChampions League kusukela ngo-2003 kuya ku-2006 neqembu laseGreece, iPanathinaikos, wagadulisana namaqembu amakhulu okubalwa iFC Barcelona, Arsenal, Rangers namanye.
Uthe kungasho lukhulu uma ezikaNgezana zingakwazi ukuhamba zize zifike esigabeni samaqoqo.
“Uma egcina efinyelele esigabeni samaqoqo eChampions League lokho kungasho lukhulu kuyena naseqenjini lakhe. Kungaliphakamisa nefulegi laseNingizimu Afrika ukuba nomunye umdlali komunye wemiqhudelwano emikhulu yebhola emhlabeni,” kuphawula uMorris.
“Uma udlala kwiChampions League usuke ubukwa umhlaba wonke. Ngikhuluma ngoba ngakubona kwenzeka kimina ngesikhathi ngidlalela iPanathinaikos. Ngicabanga ukuthi kuyiphupho lawo wonke umdlali ukudlala nabadlali abahamba phambili emhlabeni futhi ngiyethemba ukuthi uNgezana uzokwazi ukulifeza.”
Phakathi kwabadlali bakuleli asebeke bagijima kwi-Uefa Champions League kubalwa uBenni McCarthy, owaqukula le ndebe nePorto ngo-2004, uPercy Tau, Dino Ndlovu, Tsepo Masilela, Steven Pienaar, Thulani Serero, Quinton Fortune, noLucas Radebe.