USEKULUNGELE ukubuyela enkundleni umgadli weKaizer Chiefs, uCaleb Bimenyimana, okumiswe imidlalo yeDStv Premiership elimele.
UBimenyimana waseBurundi, ulimale ngo-Okthoba eseshayele Amakhosi amagoli ayisithupha kwiPremiership. Ugcine ephuthelwa wumdlalo wabakhaya baseSoweto ne-Orlando Pirates.
Ngesikhathi sekubhekwe ukuthi useluleme, uBimenyimana uphinde wathinteka ngesikhathi iChiefs ibhekene naMaZulu ngo-Okthoba emlenzeni wesibili owandulela owamanqamu weMTN8, eThekwini. Emuva kokulimala kukaBimenyimana, umqeqeshi u-Arthur Zwane, uzwakalise ukukhathazeka wathi akanaso isiqiniseko sokuthi uzolulama nini.
Leli phephandaba lithole ukuthi uBimenyimana useziqeqesha ngokugcwele neqembu. Amakhosi abuyele ejimini ngesonto eledlule. Aqale ukuziqeqesha ngaphandle kukaNjabulo Blom, noKgaugelo Sekgota abebephethwe wumkhuhlane.
IChiefs izobuyela enkundleni ngoDisemba 31, lapho izobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
"UCaleb useluleme, uyaziqeqesha neqembu selokhu libuyile. Empeleni ululame ngaphambi kwesikhathi ebesilindelekile. Usekulungele ukubuyela enkundleni. Iqembu libheke ukuthi aqhubeke nokuqhulula amagoli," kusho umthombo.
Ukululama kukaBimenyimana kuholele ekutheni angadlali emqhudelwaneni iCarling Black Label Cup ngenyanga edlule, eseqokwe abalandeli. Lokhu kwenyuse ukukhathazeka kubalandeli kwazise iqembu ligcine likhala ngaphansi kwiPirates.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, wenqabile ukuqinisekisa eyokululama kukaCaleb phezu kokuba zikhona izithombe eziveza lokho. Kuvele ukuthi uselivini.
"Ngizobuya emsebenzini mhlaka 12 (Disemba). Asiyikhulumi eyokulimala kwabadlali ngesikhathi seNdebe yoMhlaba," kusho uMaphosa.
UBimenyimana, osephenduke intandokazi yabalandeli beChiefs, ulimale esebambene ngesibalo samagoli ayisithupha emidlalweni yeligi noPeter Shalulile weMamelodi Sundowns, noBradley Grobler weSuperSport United. Kuyiwe ekhefini leNdebe yoMhlaba iChiefs isendaweni yesine ngamaphuzu angu-21 emuva kwemidlalo engu-13. Esicongweni kuhlezi iMamelodi Sundowns ngamaphuzu angu-28 emuva kwemidlalo engu-12.