Nigeria (1) 1
Equatorial Guinea (1) 1
I-NIGERIA ihlulekile ukuqoqa amaphuzu aphelele emdlalweni wayo wokuqala wamaqoqo e-Africa Cup of Nations ibambana ngo 1-1 ne-Equatorial Guinea emdlalweni kaGroup A obuse-Alassane Ouattara Stadium, edolobheni i-Abidjan, e-Ivory Coast.
Womabili amagoli angene ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala. Ele-Equatorial Guinea lishaywe ngu-Ivan Salvador, eleNigeria lavalelwa nguVictor Osimhen.
ISuper Eagles ifudumale kuqala, uVictor Osimhen, oqokwe njemgomdlali ovelele e-Afrika ngoDisemba, ekhombisa ukuthi kungani efunwa yinqwaba yamaqembu aphambili emhlabeni. Nokho ubengekho omsizayo, kuphoqeleke ukuthi asheshe akhahlelele ipali.
Ngokuhamba kwesikhathi iNzalang Nacional ibonile ukuthi ingakwazi ukuligcina ibhola, yaqala ukwakha iminyakazo eya phambili kodwa ingafiki ezindaweni eziyingozi kakhulu.
Abalandeli beNigeria abebesenkundleni bashaqekile ngomzuzu ka-36 ngesikhathi I-Equatorial Guinea igadla kuqala. UJose Machin ungene nebhola ebhokisini ngakwesokunxele ngaphambi kokuliputshuzela uSalvador, oqhamuke ehamba yedwa walibeka enethini ngobunyonico.
Nokho, akuthathanga sikhathi ukuthi iqembu likaJose Peseiro lizibuyisele emdlalweni njengoba lithole igoli lokulinganisa kusadlule imizuzu emibili kuphela. U-Ademola Lookman uthole ibhola ngakwesokunxele, wadlula esitobheni esisodwa ngaphambi kokugoba ibhola elihle, u-Osimhen alingqofele phakathi esebhekene nepali.
Kwale kancane ukuthi kuyiwe ekhefini isihamba phambili ngeshodi elidonswe nguMoses Simon, kwasebenza unozinti uJesus Owono Ngua osheshe walala ngakwesokunxele, walichilizela eceleni kwepali.
INigeria iphinde yasiqala kangcono isiwombe sesibili, kugqame u-Osimhen, obesebambisene noLookman benoMoses Simon, abebeqhamuka ezinhlangothini. Unozinti we-Equatorial Guinea usebenze kabili ngomzuzu ka-54 evimba ibhola ebelishaywe nguZaidu Sanusi nelinye ebeliqhamuka ku-Osimhen.
INigeria ibisihlasela yodwa, sekubukeka sengathi i-Equatorial Guinea ilwela ukugcina iphuzu ebiliphethe esandleni. Abadlali abafana no-Olaoluwa Aina bebezama ukuthola igoli lesibili kodwa bamfice elindile u-Owono epalini.
U-Osimhen bekufanele akhulule abalandeli beNigeria ngomzuzu ka-75 ngesikhathi ezithola esebhekene ngqo nonozinti, wavele wakhahlela into ebheke eceleni. ISuper Eagles iwatholile amanye amathuba sekungene nabadlali abafana noSamuel Chukwueze noJoseph Aribo kodwa yahluleka ukuwasebenzisa, umdlalo waphela ngo 1-1.
Lo mphumela uchaza ukuthi osokhaya, i-Ivory Coast, basaqhwakele kuGroup A ngamaphuzu amathathu kulandela ukunqoba kwabo iGuinea-Bissau ngo 2-0 ngoMgqibelo. INigeria ne-Equatorial Guinea bayalandela ngephuzu elilodwa ngamunye bese IGuinea-Bissau ibamba ibhuleki ngeqanda.
I-Equatorial Guinea isizobhekana ne-Guinea-Bissau ngoLwesine ngo-4 ntambama, iNigeria itholane phezulu ne-Ivory Coast emdlalweni obhekwe ngabomvu ozoqala ngo-7 ebusuku.