BASALE nemibuzo nokuphoxeka abalandeli bebhola abebethamele umdlalo we-Africa Cup of Nations phakathi kweSenegal ne-Ivory Coast ngoMsombuluko ntambama ngenxa yobuhixihixi obuphazamise ukusakazwa kwawo.
Lo mqhudelwano ose-Ivory Coast uqale kahle ngoMgqibelo ngomcimbi wokuwuvula othakaselwe ngabantu abebewubukela emazweni ehlukene emhlabeni wonke jikelele, kwalandela imidlalo enohlonze ekhiphe imiphumela ebingalindelekile.
Nokho isimo sishintshile ngosuku lwesithathu maphakathi nomdlalo obuseCharles Konan Banny Stadium, lapho bekubhekwe khona ukuthi ngabe ompetha, iSenegal, bazobuya nawo wonke amaphuzu noma bazolandela amazwe afana noNigeria, Egypt neGhana, angabuyanga nawo ephelele emidlalweni yawo yokuvula.
Izinkinga ziqale umdlalo ungakaqali ngesikhathi kucima umsindo engadlalwa amaculo awo womabili amazwe. Izithombe bezibonakala umdlalo uqala nokuyilapho iLions of Teranga ihambe phambili ngegoli elivalelwe nguPape Gueye.
Kuthe umdlalo usaqhubeka kwavele kwacima izibani, kwangabe kusavela lutho. Abathandi bebhola abebewubuka kwiSABC bazame ukushintshela kwiSuperSport kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba bese kudliwa ingevu kuzona zombili iziteshi.
Zombili iziteshi zixolisile ngokunqamuka komsindo nowezithombe, zikhala ngokuthi inkinga isuka emuva e-Ivory Coast lapho ziwucoshela khona umdlalo.
Abalandeli abazinze emazweni ehlukene bangene ezinkundleni zokuxhumana bezozwakalisa ukudumala kwabo, nokuyilapho kucace khona ukuthi le nkinga ibingaqondene neNingizimu Afrika kuphela.
Umdlalo uze wabuya esiwombeni sesibili, iSenegal yagcina inqobe ngo 3-0 kodwa abalandeli bese bevele benengekile.
UKahuna Kome ubhale enkundleni yokuxhumana ebeyaziwa ngeTwitter, iX, ukuthi: “Sisenyakeni ka-2024 kodwa i-Afcon isahluleka ukusakaza umdlalo emhlabeni jikelele. Yingakho ungeke ukwazi ukuwuvikela lo mqhudelwano nokuhlelwa kwawo ngoba nakanjani bazokuphoxa.”
Lokhu kuphinde kwaqubula imibuzo ngesinqumo seCaf sokuqoka inkampani yaseTogo, iNew World Media, ngesikhathi idayisa amalungelo okusakaza lo mqhudelwano. Le nkampani kuthiwa iyona ephakela iziteshi ezahlukene okubalwa kuzona iSABC neSuperSport nezinye ezisemazweni ehlukene.
Ezinye izinkampani zokusakaza ezithenge imvume yokusakaza i-Afcon ngezase-England, iSky Sports neBBC, iLaLiga+ yaseSpain, iBeInSports yaseQatar, iCanal+ yaseFrance.
Imizamo yokuthola ukuphawula kweCaf ibingakaphumeleli njengoba ebengakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona okhulumela le nhlangano, uLux September.